OVUNYIWE KUNKULUNKULU
“Khuthalela ukuziveza uvunyelwe kuNkulunkulu, uyisisebenzi esingadingi ukuba namahloni, usihlahlela ngokufanele izwi leqiniso.”
2 KuThimothewu 2:15
Uma ungakwazi ukuveza lokho okucabangayo nganoma yisiphi isihloko, zabalaza uze ukwazi. Uma ungakwenzi, omunye umuntu uyoba mpofu ngenxa yalokho zonke izinsuku zokuphila kwakhe. Zabalaza ukuze uphinde uzichazele iqiniso elithile likaNkulunkulu, futhi uNkulunkulu uyosebenzisa leyo ndlela yokuliveza komunye umuntu. Dlula esikhamweni sikaNkulunkulu lapho amagilebhisi echotshozwa khona. Kumelwe uzabalaze ukuze uthole indlela yokukuveza ngokuhlangenwe nakho, khona kuyofika isikhathi lapho leyo ndlela yokukuveza iyoba yiwayini uqobo lokuqinisa omunye umuntu; kodwa uma uthi ngobuvila — "Angizukuzabalaza ukuze ngizichazele le nto, ngizoboleka engikushoyo," leyo nkulumo ngeke ibe engenamsebenzi kuwe kuphela, kodwa ibe engenamsebenzi kunoma ubani. Zama ukuzitshela lokho ngaphakathi okuzwa kuyiqiniso likaNkulunkulu, ngaleyo ndlela unikeza uNkulunkulu ithuba lokukudlulisela komunye umuntu ngawe.
Kwenze njalo umkhuba ukuvusa ingqondo yakho ukuba icabangisise ngalokho eyamukela kalula. Umbono wethu awukabi owethu size siwenze owethu ngokuhlupheka. Umbhali okuzuzisa kakhulu akusiye okutshela into obungayazi ngaphambili, kodwa yilowo ochaza iqiniso ebelizabalaza ngaphakathi kuwe lingakwazi ukukhuluma.