UKUBAMBANA PHAMBI KUKANKULUNKULU
“Ngakho thathani zonke izikhali zikaNkulunkulu . . . nithandaza njalo . . .”
Kwabase-Efesu 6:13, 18
Kumelwe ubambane ngokumelana nezinto ezikuvimbela ukufinyelela kuNkulunkulu, futhi ubambane ngomthandazo ngenxa yeminye imiphefumulo; kodwa ungalokothi uthi ubambana noNkulunkulu ngomthandazo, lokho akulona iqiniso ngokwemiBhalo. Uma ubambana noNkulunkulu, uyokhubazeka konke ukuphila kwakho okusele. Uma, lapho uNkulunkulu eza ngendlela ethile ongayifuni, umbamba njengoba uJakobe enza futhi ubambana naYe, umphoqa ukuba akhiphe ilunga lakho endaweni yalo. Ungabi ngumuntu oxhuga ezindleleni zikaNkulunkulu, kodwa yiba ngumuntu obambana nezinto phambi kukaNkulunkulu, uba ngaphezu komnqobi ngaYe. Ukubambana phambi kukaNkulunkulu kunomthelela eMbusweni waKhe. Uma ungicela ukuba ngikuthandazele futhi ngingaphelele kuKristu, ngingathandaza kodwa kungasizi lutho; kodwa uma ngiphelele kuKristu umthandazo wami uyanqoba njalo. Umthandazo usebenza kuphela lapho kunokuphelela — "Ngakho thathani zonke izikhali zikaNkulunkulu."
Njalo hlukanisa phakathi kohlelo lukaNkulunkulu nentando yaKhe evumelayo, okungukuthi, inhloso yaKhe yokusiholela ngokunakekela. Uhlelo lukaNkulunkulu aluguquki; intando yaKhe evumelayo yilokho okumelwe sibambane nakho phambi kwaKhe. Yindlela esisabela ngayo entandweni kaNkulunkulu evumelayo esenza sikwazi ukufinyelela ohlelweni lwaKhe. "Zonke izinto zisebenzisana kube kuhle kwabathanda uNkulunkulu" — kulabo abahlala bethembekile ohlelweni lukaNkulunkulu, obizweni lwaKhe kuKristu Jesu. Intando kaNkulunkulu evumelayo iyindlela amadodana namadodakazi aKhe okufanele abonakaliswe ngayo. Akufanele sifane namatheketheke sithi, "Kuyintando yeNkosi." Akufanele silwe phambi kukaNkulunkulu, singabambani noNkulunkulu, kodwa sibambane phambi kukaNkulunkulu nezinto. Qaphela ukuhlala ngobuvila phambi kukaNkulunkulu esikhundleni sokulwa impi ekhazimulayo ukuze ubambe amandla aKhe.