Ukuzindla kwansuku zonke

INKOMBA KAMOYA

Noma yimuphi umuntu kini, uma indodana yakhe icela isinkwa, angayinika itshe na?

NgokukaMathewu 7:9

Umfanekiso womthandazo osetshenziswa yiNkosi yethu lapha ngowomntwana olungile ocela into enhle. Sikhuluma ngomthandazo njengokungathi uNkulunkulu uyasizwa kungakhathaliseki ukuthi ubuhlobo bethu naYe bunjani (qhathanisa NgokukaMathewu 5:45). Ungalokothi uthi akuyona intando kaNkulunkulu ukukunika lokho okucelayo, ungahlali phansi uphele amandla, kodwa thola isizathu, ubheke enkombeni. Ingabe usebudlelwaneni obulungile nomkakho, nomyeni wakho, nezingane zakho, nalabo ofunda nabo — ingabe "ungumntwana olungile" lapho? "O Nkosi, bengicasuka futhi nginolaka, kodwa ngiyasifuna isibusiso esingokomoya." Awunakusithola, kuyomelwe uphile ngaphandle kwaso uze ube nesimo somntwana olungile.

Sididanisa ukwedelela nokuzinikela; sididanisa ukuphikisana noNkulunkulu nokuzinikela ngokuphelele. Asifuni ukubheka enkombeni. Bengicela uNkulunkulu ukuba angiphe imali yento engiyifunayo kuyilapho kunento engingakayikhokheli? Bengicela uNkulunkulu inkululeko kuyilapho ngiyigodlela umuntu ongowami? Angikamthetheleli othile iziphambeko zakhe; angibanga nomusa kuye; bengingaphili njengomntwana kaNkulunkulu phakathi kwezihlobo nabangane bami. (ivesi 12.)

Ngingumntwana kaNkulunkulu kuphela ngokuzalwa kabusha ngokomoya, futhi njengomntwana kaNkulunkulu ngimuhle kuphela lapho ngihamba ekukhanyeni. Kwabaningi bethu umthandazo uguqulwa ube inkulumo evamile ezwakala ingcwele, uba yindaba yemizwa, ukuhlanganyela okuyimfihlakalo noNkulunkulu. Ngokomoya sonke sinekhono lokudala inkungu. Uma sibheka enkombeni, siyobona ngokucace kakhulu ukuthi yini engalungile — lobo bungane, leso sikweletu, leso simo sengqondo. Akusizi ukuthandaza ngaphandle kokuba siphila njengabantwana bakaNkulunkulu. Khona-ke, kusho uJesu — "Wonke umuntu ocelayo uyamukela."

Buyela ekhalendeni

Qala usuku ngalunye ngesikhathi sokuthula ugxile kuKristu.

Bhalisa