UKUHLANGANYELA EVANGELINI
“Isisebenzi esikhandlayo esikanye nani evangelini likaKristu.”
1 KwabaseThesalonikha 3:2
Ngemva kokungcweliswa kunzima ukusho ukuthi iyini inhloso yakho ekuphileni, ngoba ngoMoya oNgcwele uNkulunkulu ukufake enjongweni yaKhe; manje ukusebenzisela izinjongo zaKhe emhlabeni wonke njengoba asebenzisa iNdodana yaKhe ngenjongo yensindiso yethu. Uma uzifunela izinto ezinkulu — uNkulunkulu ungibizele lokhu nalokhuya; uvimba indlela uNkulunkulu angakusebenzisa ngayo. Uma nje usakhathalela isimilo sakho siqu, noma unesifiso esithile esimisiwe, awukwazi ukufinyelela ekuzihlanganiseni nezithakazelo zikaNkulunkulu. Ungafinyelela lapho kuphela ngokulahla unomphela wonke umqondo ngawe nangokuvumela uNkulunkulu akungenise ngokuphelele enjongweni yaKhe ngomhlaba, futhi ngenxa yokuthi izinyathelo zakho zivela eNkosini, awusoze waqonda izindlela zakho.
Kumelwe ngifunde ukuthi inhloso yokuphila ngekaNkulunkulu, akuyona eyami. UNkulunkulu ungisebenzisa ngokombono waKhe omkhulu siqu, futhi konke akucela kimi ukumethemba, nokungalokothi ngithi — Nkosi, lokhu kungizwisa ubuhlungu obukhulu. Ukukhuluma kanjalo kungenza ngibe isithiyo. Lapho ngiyeka ukutshela uNkulunkulu engikufunayo, angangithathela lokho Yena akufunayo ngaphandle kwesivimbelo noma isithiyo. Angangisonga noma angiphakamise, angenza noma yini ayikhethayo. Umane acele ukuba ngibe nokholo olungenamibandela kuYe nasebuhleni baKhe. Ukuzidabukela kuvela kuSathane, uma ngilandela leyo ndlela uNkulunkulu akanakungisebenzisela injongo yaKhe emhlabeni. "Nginezwe phakathi kwezwe" engiphila kulo, futhi uNkulunkulu akasoze akwazi ukungikhipha kulo ngoba ngesaba ukushaywa yisithwathwa.