INKONZO YESAKRAMENTE
“Manje ngiyajabula ekuhluphekeni kwami ngenxa yenu, futhi ngigcwalisa lokho okusasele ezinhluphekweni zikaKristu. . . .”
KwabaseKholose 1:24
Isisebenzi esingumKristu kumelwe sibe "umxhumanisi," oyisakramente ohlotshaniswe kakhulu neNkosi yaso nobuqiniso bokuhlengwa kwaKhe ukuze Yena aqhubeke eletha ukuphila kwaKhe okudalayo ngaso. Akukhona ukubekwa kwamandla obuntu bomuntu oyedwa phezu komunye, kodwa kungukuba khona kukaKristu uqobo okuvela ngezingxenye zokuphila kwesisebenzi. Lapho sishumayela amaqiniso omlando wokuphila nokufa kweNkosi yethu njengoba evezwe eTestamenteni Elisha, amazwi ethu enziwa abe awesakramente, uNkulunkulu uwasebenzisa ngesisekelo sokuhlenga kwaKhe ukuze adale kulabo abalalelayo lokho okungenakudaleka ngenye indlela. Uma sishumayela imiphumela yokuhlengwa ekuphileni komuntu esikhundleni sesambulo ngoJesu, umphumela kulabo abalalelayo awukona ukuzalwa kabusha, kodwa kuyisiko elingokomoya eliphucuziwe, futhi uMoya kaNkulunkulu akanakufakaza ngalo ngoba ukushumayela okunjalo kungokomunye umkhakha. Kumelwe siqinisekise ukuthi sinozwela oluphilayo olunjalo noNkulunkulu kangangokuba ekumemezeleni kwethu iqiniso laKhe Yena angadala emiphefumulweni izinto ezingenziwa nguYe kuphela.
Yeka ubuntu bomuntu obumangalisayo! Yeka indoda ehlaba umxhwele! Yeka ukuqonda okumangalisayo! Linamathuba mani iVangeli likaNkulunkulu kukho konke lokhu? Alikwazi ukudlula, ngoba indlela yokuheha ihlala iyindlela yokunxusa. Uma umuntu eheha ngobuntu bakhe, ukunxusa kwakhe kuhamba ngaleyo ndlela; uma ehlotshaniswa nobuntu beNkosi yakhe, khona-ke ukunxusa kuhamba ngendlela yalokho uJesu Kristu angakwenza. Ingozi ukuzigabisa ngabantu; uJesu uthi kumelwe siphakamise Yena.