Ukuzindla kwansuku zonke

UBUNTU BOMUNTU

Ukuze babe munye, njengoba nathi simunye.

NgokukaJohane 17:22

Ubuntu bomuntu yileyo nto eyinqaba, engenakulinganiswa esiyishoyo lapho sikhuluma ngathi njengabahlukile kubo bonke abanye. Ubuntu bethu buhlala bubukhulu kakhulu kunalokho esingakuqonda. Isiqhingi esisolwandle singaba yisiqongo nje sentaba enkulu. Ubuntu bomuntu bufana nesiqhingi, asazi lutho ngokujula okukhulu okungaphansi, ngakho asikwazi ukuzilinganisa. Siqala ngokucabanga ukuthi singakwazi, kodwa siye siqaphele ukuthi munye kuphela uMuntu osiqondayo, futhi lowo nguMdali wethu.

Ubuntu bomuntu buyisici somuntu ongokomoya njengoba ubunjalo bomuntu ngamunye buyisici somuntu ongokwemvelo. INkosi yethu ayisoze yachazwa ngokobunjalo bomuntu ngamunye nokuzimela, kodwa ngokobuntu bomuntu kuphela, "Mina noBaba waMi simunye." Ubuntu bomuntu buyahlangana, futhi ufinyelela ubuwena bangempela kuphela lapho uhlanganiswa nomunye umuntu. Lapho uthando, noma uMoya kaNkulunkulu uthinta umuntu, uyaguqulwa, akabe esaphikelela ebunjalweni bakhe obuhlukene njengomuntu ngamunye. INkosi yethu ayizange ikhulume ngokobunjalo bomuntu ngamunye, "ngezindololwane" zomuntu noma ngesimo sakhe sokuhlukaniswa, kodwa ngokobuntu bomuntu — "ukuze babe munye, njengoba nathi simunye." Uma unikela kuNkulunkulu ngelungelo lakho kuwe uqobo, imvelo yangempela yobuntu bakho isabela kuNkulunkulu ngokushesha. UJesu Kristu ukhulula ubuntu bomuntu, futhi ubunjalo bomuntu ngamunye buyaguqulwa; isici esibuguqulayo uthando, ukuzinikela komuntu siqu kuJesu. Uthando luwukuthululwa kobuntu bomuntu oyedwa ebudlelwaneni nobubuntu bomunye umuntu.

Buyela ekhalendeni

Qala usuku ngalunye ngesikhathi sokuthula ugxile kuKristu.

Bhalisa