UBUNJALO BOMUNTU NGAMUNYE
“Uma umuntu efuna ukungilandela, makazidele yena.”
NgokukaMathewu 16:24
Ubunjalo bomuntu ngamunye buyikhoba lokuphila kobuntu. Ubunjalo bomuntu ngamunye buhlala buveze izindololwane, buyahlukanisa futhi buyazihlukanisa. Buyisici somntwana futhi kufanele kube njalo; kodwa uma sididanisa ubunjalo bomuntu ngamunye nokuphila kobuntu, siyohlala sihlukanisiwe. Igobolondo lobunjalo bomuntu ngamunye liyisimbozo semvelo esidalwe uNkulunkulu ukuze sivikele ukuphila kobuntu; kodwa ubunjalo bomuntu ngamunye kumelwe budlule ukuze ukuphila kobuntu kuvele futhi kulethwe ebudlelwaneni noNkulunkulu. Ubunjalo bomuntu ngamunye buzenza ubuntu bomuntu njengoba inkanuko izenza uthando. UNkulunkulu waklama imvelo yomuntu ngenxa yaKhe; ubunjalo bomuntu ngamunye bululaza imvelo yomuntu ukuze buzuze bona.
Izici zobunjalo bomuntu ngamunye ukuzimela nokuzigomela. Ukugomela okuqhubekayo kobunjalo bomuntu ngamunye yikho okuvimbela ukuphila kwethu okungokomoya ngaphezu kwanoma yini enye. Uma uthi — "Angikwazi ukukholwa," kungenxa yokuthi ubunjalo bomuntu ngamunye busendleleni; ubunjalo bomuntu ngamunye abusoze bakholwa. Ubuntu bomuntu abunakugwema ukukholwa. Ziqaphele lapho uMoya kaNkulunkulu usebenza. Ukusunduzela emaphethelweni obunjalo bakho njengomuntu ngamunye, futhi kumelwe ukhethe ukuthi — "Ngeke," noma uzinikele, uphule ikhoba lobunjalo bomuntu ngamunye futhi uvumele ukuphila kobuntu kuvele. UMoya oNgcwele njalo ukufinyeza kube yinto eyodwa (bheka futhi NgokukaMathewu 5:23-24). Into ekuwe enqaba ukubuyisana nomfowenu ubunjalo bomuntu ngamunye. UNkulunkulu ufuna ukukuletha ebunyeni naYe, kodwa ngaphandle kokuba uzimisele ukudela ilungelo lakho kuwe uqobo akanakukwenza. "Makazidele yena" — makadele ilungelo lakhe elizimele kuye uqobo, khona ukuphila kwangempela kuthola ithuba lokukhula.