IMISEBENZI EMIKHULU KUNALE
“Futhi uyokwenza imisebenzi emikhulu kunale; ngoba ngiya kuBaba waMi.”
NgokukaJohane 14:12
Umthandazo awusilungiseleli imisebenzi emikhulu; umthandazo yiwo umsebenzi omkhulu. Sicabanga ngomthandazo njengokusebenzisa amandla ethu aphakeme ngendlela yengqondo ephusile ukuze usilungiselele umsebenzi kaNkulunkulu. Emfundisweni kaJesu Kristu umthandazo uwukusebenza kwesimangaliso sokuhlengwa kimi esenza isimangaliso sokuhlengwa kwabanye ngamandla kaNkulunkulu. Indlela yokuba isithelo sihlale ngumthandazo, kodwa khumbula ukuthi ngumthandazo osekelwe ebuhlungwini obukhulu bokuhlengwa, hhayi ebuhlungwini bami. Yingane kuphela ethola impendulo yomthandazo; umuntu ohlakaniphile akayitholi.
Umthandazo uyimpi; akunandaba ukuthi ukuphi. Noma uNkulunkulu ezihlela kanjani izimo, isibopho ukuthandaza. Ungawuvumeli nakanye umcabango — "Anginalusizo lapho ngikhona;" ngoba ngokuqinisekile awunakuba lusizo lapho ungekho. Nomaphi lapho uNkulunkulu ekuphonse khona phakathi kwezimo thandaza, phonsa imikhuleko emifushane kuYe ngaso sonke isikhathi. "Noma yini eniyakukucela egameni laMi, ngiyakukwenza." Ngeke sithandaze ngaphandle kokuba sithole imizwa evusa amadlingozi, lokho kuwuhlobo olukhulu kakhulu lobugovu obungokomoya. Kumelwe sisebenze ngokomugqa wokuqondisa kukaNkulunkulu, futhi uthi thandaza. "Ngakho-ke nxusani iNkosi yesivuno, ukuba ithumele izisebenzi esivunweni saKhe."
Akukho okuvusa amadlingozi ngomsebenzi womuntu osebenza kanzima, kodwa ngumuntu osebenza kanzima owenza imibono yesihlakaniphi yenzeke; futhi ngongcwele osebenza kanzima owenza imibono yeNkosi yakhe yenzeke. Usebenza kanzima emthandazweni futhi ngokombono waKhe imiphumela yenzeka ngaso sonke isikhathi. Yeka ukumangala okuyoba khona lapho uthola, lapho iveyili selisusiwe, imiphefumulo evunwe nguwe, ngenxa nje yokuthi wawunomkhuba wokuthatha imiyalo yakho kuJesu Kristu.