UKUSABALALA KOKUPHILA
“Imifula yamanzi aphilayo.”
NgokukaJohane 7:38
Umfula uthinta izindawo umthombo wawo ongazi lutho ngazo, futhi uJesu uthi uma samukele ukugcwala kwaKhe, kungakhathaliseki ukuthi sincane kangakanani isilinganiso esibonakalayo sokuphila kwethu, kuyogobhoza kithi imifula eyobusisa kuze kube semikhawulweni yomhlaba. Asinalutho esingalwenza ngokugeleza — "Lona ngumsebenzi kaNkulunkulu ukuba nikholwe. . . ." UNkulunkulu akavamile ukuvumela umphefumulo ubone ukuthi uyisibusiso esikhulu kangakanani.
Umfula uphikelela ngokunqobayo, unqoba zonke izithiyo. Isikhathi esithile uqhubeka ngokungantengantengi endleleni yawo, bese ufika esithiyweni futhi uvinjwe okwesikhashana, kodwa masinyane uzivulela indlela ezungeze isithiyo. Noma umfula unganyamalala amakhilomitha amaningi, bese uvela futhi ubanzi futhi umkhulu kunanini ngaphambili. Ungabona uNkulunkulu esebenzisa ukuphila kwabanye abantu, kodwa sekufike isithiyo ekuphileni kwakho futhi awubonakali uselusizo. Qhubeka unake uMthombo, khona uNkulunkulu uyokuthatha akudlulise uzungeze isithiyo noma asisuse. Umfula kaMoya kaNkulunkulu unqoba zonke izithiyo. Ungalokothi ugxilise amehlo akho esithiyweni noma ebunzimeni. Isithiyo asiwuthinti nhlobo umfula oyogeleza ngokungantengantengi ngawe uma ukhumbula ukuhlala usesimweni esilungile eMthonjeni. Ungalokothi uvumele noma yini ingene phakathi kwakho noJesu Kristu, kungaba umuzwa, noma okuhlangenwe nakho; akukho lutho okumelwe lukuvimbe eMthonjeni owodwa omkhulu nobusa konke.
Cabanga ngemifula ephulukisayo nefinyelela kude ezikhulisayo emiphefumulweni yethu! UNkulunkulu ubelokhu evulela izingqondo zethu amaqiniso amangalisayo, futhi iphuzu ngalinye alivulile liyinkomba yamandla abanzi omfula ayowugelezisa ngathi. Uma ukholwa kuJesu, uyothola ukuthi uNkulunkulu ukhulise ngaphakathi kuwe izifufula ezinamandla zesibusiso sabanye.