IMITHOMBO YOBUBELE
“Amanzi engiyomnika wona ayokuba ngaphakathi kuye ngumthombo wamanzi.”
NgokukaJohane 4:14
Umfanekiso iNkosi yethu esinika wona akuwona owomsele kodwa owomthombo. "Qhubekani nigcwaliswa," futhi ubumnandi bobudlelwane obuphilayo noJesu buyogeleza buphume kongcwele ngokuchichima njengoba budluliselwa kuye. Uma uthola ukuthi ukuphila kwakho akugelezi kuphume ngendlela okufanele, yiphutha lakho; kukhona okuvimbe ukugeleza. Hlala usesimweni esilungile eMthonjeni, khona — ingabe wena uqobo uyobusiswa? Cha, ngaphakathi kuwe kuyogobhoza imifula yamanzi aphilayo, ukuphila okungenakuvinjelwa.
Kumelwe sibe yizizinda uJesu angageleza ngazo njengemifula yamanzi aphilayo ukuze abusise wonke umuntu. Abanye bethu banjengoLwandle Olufile, bahlale bemukela kodwa benganikeli nanini, ngoba asikho ebudlelwaneni obulungile neNkosi uJesu. Njengoba nje samukela kuYe, Yena uyothulula ngathi, futhi ngezinga angathululi ngalo, kukhona iphutha ebudlelwaneni bethu naYe. Ingabe kukhona noma yini phakathi kwakho noJesu Kristu? Ingabe kukhona okuvimbela inkolelo yakho kuYe? Uma kungenjalo, uJesu uthi, ngaphakathi kuwe kuyogobhoza imifula yamanzi aphilayo. Akusona isibusiso esidluliselwayo, akukhona okuhlangenwe nakho okulandiswayo, kodwa kungumfula oqhubeka ugeleza. Hlala eMthonjeni, qapha kahle inkolelo yakho kuJesu Kristu nobudlelwane bakho naYe, khona kuyoba nokugeleza okungantengantengi okuya kwabanye abantu, kungabikho ukoma noma ukungabi nakuphila.
Akukhona yini ukweqisa ukusho ukuthi kuyogobhoza imifula kumkholwa oyedwa? "Angiyiboni imifula," usho kanjalo. Ungalokothi uzibheke ngombono othi — Ngingubani mina? Emlandweni womsebenzi kaNkulunkulu cishe uyohlale uthola ukuthi uqale ngabantu abangabonwa, abangaziwa, abanganakwa, kodwa abathembeke ngokungantengantengi kuJesu Kristu.