ISIPHELO ESIMISELWE SOBUNGCWELE
“Niyakuba ngcwele; ngokuba Mina ngingcwele.”
1 KaPhethro 1:16 (R.V.)
Qhubeka uzitshela ukuthi iyini injongo yokuphila kwakho. Isiphelo esimiselwe somuntu akuyona injabulo, noma impilo enhle, kodwa ubungcwele. Kulezi zinsuku sinokunamathela okuningi kakhulu, futhi kusihlakaza; ukunamathela okulungile, okuhle, okuhloniphekile okuyogcina kufezekile, kodwa okwamanje uNkulunkulu kumelwe akwenze kubune. Into eyodwa ebalulekile ukuthi umuntu uyomamukela yini uNkulunkulu ozomenza abe ngcwele. Kungakhathaliseki ukuthi kubizani umuntu kumelwe abe sebudlelwaneni obulungile noNkulunkulu.
Ingabe ngiyakholwa ukuthi kudingeka ngibe ngcwele? Ingabe ngiyakholwa ukuthi uNkulunkulu angangena kimi angenze ngibe ngcwele? Uma ngokushumayela kwakho ungiqinisekisa ukuthi angingcwele, ngiyakucasukela ukushumayela kwakho. Ukushunyayelwa kwevangeli kuvusa ukucasuka okukhulu ngoba kumelwe kwembule ukuthi angingcwele; kodwa futhi kuvusa ukulangazelela okukhulu. UNkulunkulu unesiphelo esisodwa asibekele isintu, okungukuthi, ubungcwele. Injongo yaKhe eyodwa ukukhiqiza abangcwele. UNkulunkulu akawona umshini waphakade wokubusisa abantu; akezanga ukuzosindisa abantu ngenxa yokubazwela: weza ukuzosindisa abantu ngoba wayebadalele ukuba babe ngcwele. Umsebenzi wokubuyisana usho ukuthi uNkulunkulu angangibuyisela ebunyeni obuphelele naYe uqobo, ngaphandle kwesithunzi phakathi, ngokufa kukaJesu Kristu.
Ungalokothi ngenxa yokuzizwela noma ukuzwela abanye ubekezelele noma yimuphi umkhuba ongahambisani noNkulunkulu ongcwele. Ubungcwele busho ukuhamba ngezinyawo ngaphandle kokungcola, ukukhuluma ngolimi ngaphandle kokungcola, ukucabanga ngengqondo ngaphandle kokungcola — yonke imininingwane yokuphila ihlolisiswa nguNkulunkulu. Ubungcwele akukhona kuphela lokho uNkulunkulu anginika kona, kodwa futhi yilokho engikubonakalisayo ukuthi uNkulunkulu unginikile.