INJABULO YAMI . . . INJABULO YAKHO
“Ukuze injabulo yaMi ihlale kini, nokuba injabulo yenu igcwale.”
NgokukaJohane 15:11
Yayiyini injabulo uJesu ayenayo? Kuyinhlamba ukukhuluma ngokwenama ngokuphathelene noJesu Kristu. Injabulo kaJesu yayiwukuzinikela kwaKhe ngokuphelele nokuzidela kuYise, injabulo yokwenza lokho uYise ayemthume ukuba akwenze. "Kuyangijabulisa ukwenza intando yaKho." UJesu wathandazela ukuba injabulo yethu iqhubeke igcwaliseka ize ifane ncamashi neyaKhe. Ingabe ngimvumele uJesu Kristu ukuba angenise kimi injabulo yaKhe?
Ukuchichima okuphelele kokuphila kwami akukho empilweni yomzimba, akukho ezenzakalweni zangaphandle, akukho nasekuboneni umsebenzi kaNkulunkulu uphumelela, kodwa kusekuqondeni uNkulunkulu ngokuphelele, nasekuhlanganyeleni naYe uJesu uqobo ayenakho. Into yokuqala ezovimba le njabulo ukucasuka kokugxeka okuvela ekuzameni ukuhlaziya izimo. Izinkathazo zaleli zwe, kusho uJesu, ziyominyanisa izwi likaNkulunkulu. Ngaphambi kokuba sazi ukuthi sikuphi, sithunjwa ukubukeka kwezinto. Konke uNkulunkulu asenzele khona kumane kungumbundu; ufuna ukusiyisa endaweni lapho siyoba ngofakazi baKhe futhi simemezele ukuthi uJesu ungubani.
Yiba sebudlelwaneni obulungile noNkulunkulu, thola injabulo yakho lapho, futhi ngaphakathi kuwe kuyogobhoza imifula yamanzi aphilayo. Yiba yisizinda uJesu Kristu athela ngaso amanzi aphilayo. Yeka ukuziqaphela, yeka ukuba umuntu ongcwelisiwe ozibona engcono kunabanye, uphile ukuphila okufihlwe noKristu. Ukuphila okusebudlelwaneni obulungile noNkulunkulu kungokwemvelo njengokuphefumula nomaphi lapho kukhona. Ukuphila kwabantu okukubusise kakhulu okwabantu ababengakuqapheli lokho.