UKRISTU UYANGIQINISEKISA NA?
“Nokho ningathokozi ngalokhu . . . , kodwa kunalokho thokozani ngoba amagama enu alotshiwe ezulwini.”
NgokukaLuka 10:19, 20
UJesu Kristu uthi, empeleni, Ningajabuli ngenkonzo ephumelelayo, kodwa jabulani ngoba nisebudlelwaneni obulungile naMi. Ugibe emsebenzini wobuKristu ukujabula ngenkonzo ephumelelayo, ukujabulela ukuthi uNkulunkulu ukusebenzisile. Awusoze wakwazi ukukala lokho uNkulunkulu ayokwenza ngawe uma usebudlelwaneni obulungile noJesu Kristu. Gcina ubudlelwane bakho naYe bulungile, khona-ke kungakhathaliseki izimo okuzo, nanoma ubani ohlangana naye usuku nosuku, Yena uthela imifula yamanzi aphilayo ngawe, futhi kungumusa waKhe ukungakuvumeli ukuba ukwazi lokho. Lapho usunobudlelwane obulungile noNkulunkulu ngensindiso nangokungcweliswa, khumbula ukuthi noma ukuphi, ubekwe lapho nguNkulunkulu; futhi ngendlela ukuphila kwakho okusabela ngayo ezimweni ezikuzungezile, uyofeza injongo kaNkulunkulu, uma nje uhlala ekukhanyeni njengoba uNkulunkulu esekukhanyeni.
Ukuthambekela kwanamuhla ukubeka ukugcizelela enkonzweni. Qaphela abantu abenza ukuba wusizo kube yisisekelo sabo sokunxusa. Uma wenza ukuba wusizo kube uvivinyo, khona uJesu Kristu wayeyisehluleki esikhulu kunazo zonke ezake zaphila. Inkanyezi eqondisa ongcwele nguNkulunkulu Yena uqobo, hhayi ukuthi ubonakala ewusizo kangakanani. Umsebenzi uNkulunkulu awenza ngathi yiwo obalulekile, hhayi lokho esimenzela kona. Konke iNkosi yethu ekunakayo ekuphileni komuntu ubudlelwane obufanele noYise. UJesu uletha amadodana amaningi enkazimulweni.