UMSEBENZI WENKONZO ONGANAKEKILE
“Babusisiwe abampofu emoyeni.”
NgokukaMathewu 5:3
ITestamente Elisha linaka izinto ezingabonakali zibalulekile ngokwezindinganiso zethu. "Babusisiwe abampofu emoyeni," ngokwezwi nezwi — Babusisiwe abayizimpabanga — into evamile ngokweqile! Ukushumayela kwanamuhla kuthambekele ekugcizeleleni amandla entando, nobuhle besimilo — izinto ezibonakala kalula. Umusho esiwuzwa kaningi othi, Khetha uKristu, ugcizelela into iNkosi yethu engazange iyethembe. Akasiceli neze ukuba senze isinqumo sokuba ngaKhe, kodwa ukuba sizinikele kuYe ngokuphelele — okuyinto ehluke kakhulu. Esisekelweni soMbuso kaJesu Kristu kunobuhle obungazenzisi bokujwayelekile. Engibusiswa kukho ubumpofu bami. Uma ngazi ukuthi anginawo amandla entando, anginabo ubuhle besimilo, khona uJesu uthi — Ubusisiwe, ngoba kungalobu bumpofu ngingena eMbusweni waKhe. Angikwazi ukungena eMbusweni waKhe njengendoda noma owesifazane olungile, ngingangena kuphela njengempabanga engenalutho nhlobo.
Isimo sangempela sobuhle obusebenza kuNkulunkulu asiziqapheli nanini. Ithonya eliziqaphelayo liyazigabisa ngobuhle balo futhi alilona elobuKristu. Uma ngithi — Ngiyazibuza ukuthi ngilusizo yini — ngilahlekelwa masinyane ubusha obuqhakazile bokuthinta kweNkosi. "Okholwa yiMi, ngaphakathi kuye kuyogobhoza imifula yamanzi aphilayo." Uma ngihlola lokho kuphuma, ngilahlekelwa ukuthinta kweNkosi.
Yibaphi abantu abasithonye kakhulu? Akubona ababecabanga ukuthi bayasithonya, kodwa yilabo ababengenawo nakancane umqondo wokuthi bayasithonya. Ekuphileni kobuKristu ithonya elingaqondile aliziqapheli nanini, uma seliziqaphela liyayeka ukuba nalobu buhle obungazenzisi obuyisici sokuthinta kukaJesu. Sihlale sazi lapho uJesu esebenza ngoba entweni evamile udala okuthile okukhuthazayo.