UDANGELE EKUZINIKELENI NA?
“Usaswele into eyodwa; thengisa konke onakho … uze, ungilandele.”
NgokukaLuka 18:22
"Kuthe ekuzwa lokhu …" Wake wamuzwa uMfundisi esho izwi elinzima? Uma ungakaze, ngiyazibuza ukuthi wake wamuzwa yini esho noma yini. UJesu Kristu usho izinto eziningi esizilalelayo, kodwa esingazizwa; lapho sizizwa, amazwi aKhe anzima ngendlela emangalisayo.
UJesu akabonakalanga ekhathazeke nakancane ngokuthi le ndoda yenze lokho ayeyitshele kona, futhi akazange azame ukuyigcina inaYe. Wamane wathi — Thengisa konke onakho, uze, ungilandele. INkosi yethu ayizange incenge, ayizange iyenge ngokuthopha, ayizange icuphe; yamane yakhuluma amazwi aqine kunawo wonke ake ezwa izindlebe zomuntu ofayo, yabe isiyiyeka indaba.
Ngake ngamuzwa uJesu esho izwi elinzima? Ingabe kukhona akushilo kimi mathupha engikhethe ukukulalela? Hhayi into engingayichaza noma engingasho lokhu nalokhu ngayo, kodwa into engimuzwe eyisho kimi? Lo muntu wakuqonda ngempela lokho uJesu akusho, wakuzwa futhi wahlolisisa ukuthi kwakusho ukuthini, kwase kumphula inhliziyo. Akahambanga edelela; wahamba edabukile, edangele ngokuphelele. Wayefike kuJesu evutha isifiso esiqotho, futhi izwi likaJesu lavele lamqandisa; esikhundleni sokubangela ukuzinikela okushisekayo, labangela ukudangala okwephula inhliziyo. UJesu akamlandelanga, wamyeka wahamba. INkosi yethu yazi kahle ukuthi lapho izwi laKhe selizwakele, liyothela izithelo maduze noma kamuva. Okushaqisayo ukuthi abanye bethu bayalivimba lingatheli izithelo ekuphileni kwangempela. Ngiyazibuza ukuthi siyothini lapho ekugcineni sesinqume ukuzinikela kuYe kulelo phuzu elithile? Yinye into eqinisekile, akasoze asisola ngalutho olwedlule.