Ukuzindla kwansuku zonke

WAKE WANGAKWAZI UKUVEZA USIZI NA?

Kuthe ekuzwa lokhu, wadabuka kakhulu: ngoba wayecebe kakhulu.

NgokukaLuka 18:23

Umbusi osemusha ocebile wahamba ethule ephelelwe amazwi ngenxa yosizi; wayengenalutho ayengalusho. Wayengangabazi lokho uJesu ayekusho, engaphikisani ngokuthi kwakusho ukuthini, futhi lokho kwabangela kuye usizi olwalungenamazwi. Wake wafika kuleso simo? Ingabe izwi likaNkulunkulu selifikile kuwe mayelana nokuthile ocebe kakhulu ngakho — isimo sakho semizwa semvelo, ukusondelana kwakho nabanye, ubudlelwane benhliziyo nengqondo? Khona-ke izikhathi eziningi uye wathula waphelelwa amazwi ngenxa yosizi. INkosi ngeke ikulandele, ngeke ikuncenge, kodwa njalo lapho ihlangana nawe kulelo phuzu iyomane iphinde ithi — Uma uqinisile ngalokho okushoyo, yilena imibandela.

"Thengisa konke onakho," zikhumule ngokokuziphatha phambi kukaNkulunkulu konke okungase kube yimpahla yakho uze usale ungumuntu ozaziyo nje, bese unikela lowo muntu kuNkulunkulu. Yilapho impi ilwelwa khona — emkhakheni wentando phambi kukaNkulunkulu. Ingabe uzinikele kakhulu emcabangweni wakho ngalokho uJesu akufunayo kunokuba uzinikele kuYe uqobo? Uma kunjalo, cishe uyokuzwa elinye lamazwi aKhe anzima eliyobangela usizi kuwe. Lokho uJesu akushoyo kunzima, kuba lula kuphela lapho kuzwiwa yilabo abanesimo saKhe. Qaphela ungavumeli lutho luthambise izwi elinzima likaJesu Kristu.

Ngingaceba kakhulu ngobumpofu, ngicebe kakhulu ngokwazi ukuthi angilutho, kangangokuthi angisoze ngaba umfundi kaJesu; futhi ngingaceba kakhulu ngokwazi ukuthi ngingumuntu obalulekile kangangokuthi angisoze ngaba umfundi. Ingabe ngizimisele ukuphucwa ngisho nomuzwa wokuthi ngiphucwe konke? Yilapho ukudangala kungena khona. Ukudangala kuwukuzithanda okuphoxekile, futhi ukuzithanda kungaba ukuthanda ukuzinikela kwami kuJesu.

Buyela ekhalendeni

Qala usuku ngalunye ngesikhathi sokuthula ugxile kuKristu.

Bhalisa