Ukuzindla kwansuku zonke

UYANGAZI NA

Ubiza . . . ngegama.

NgokukaJohane 10:3

Lapho ngiye ngamqonda kabi ngokudabukisayo?

(NgokukaJohane 10:17.) Kungenzeka ukwazi konke ngemfundiso kodwa ungamazi uJesu. Umphefumulo usengozini lapho ulwazi lwemfundiso ludlula ubudlelwane obuseduze noJesu. UMariya wayekhalelani? KuMariya imfundiso yayingelutho ngaphezu kotshani obuphansi kwezinyawo zakhe. Noma yimuphi umFarisi wayengamhlula kalula uMariya ngezindaba zemfundiso, kodwa into eyodwa ababengenakuyisusa kuye ngokumhleka kwakuyiqiniso lokuthi uJesu wayekhiphe amademoni ayisikhombisa kuye; nokho izibusiso zaKhe zazingelutho uma ziqhathaniswa naYe uqobo. UMariya "wabona uJesu emi futhi engazi ukuthi kwakunguJesu . . . ;" lapho nje ezwa izwi, wazi ukuthi wayenomlando wangaphambili naLowo owayekhuluma. "Mfundisi!"

Lapho ngiye ngangabaza ngenkani?

(NgokukaJohane 10:27.) Ingabe bengilokhu ngingabaza okuthile ngoJesu — okuhlangenwe nakho abanye abakufakazelayo kodwa mina engingakaze ngibe nakho? Abanye abafundi batshela uTomase ukuthi babembonile uJesu, kodwa uTomase wangabaza — "Ngaphandle kokuba ngibone . . . , ngeke ngikholwe." UTomase wayedinga ukuthintwa uJesu mathupha. Ukuthinta kwaKhe kufika nini, noma kufika kanjani, asazi; kodwa lapho kufika kuyigugu ngendlela engenakuchazwa. "Nkosi yami noNkulunkulu wami!"

Lapho ngiye ngamphika ngobugovu?

(NgokukaJohane 21:15-17.) UPetru wayephike uJesu Kristu ngezifungo nangeziqalekiso, nokho ngemva koVuko uJesu wazibonakalisa kuPetru lapho eyedwa. Wambuyisela ngasese, wabe esembuyisela phambi kwabanye. "Nkosi, uyazi ukuthi ngiyakuthanda."

Ingabe nginomlando wobudlelwane bami noJesu Kristu? Uphawu olulodwa lobufundi ukuxhumana okusondelene naYe, ukumazi uJesu Kristu ngendlela okungekho lutho olungakunyakazisa.

Buyela ekhalendeni

Qala usuku ngalunye ngesikhathi sokuthula ugxile kuKristu.

Bhalisa