Ukuzindla kwansuku zonke

IZIMPAWU ZOKUZALWA KABUSHA

Kumelwe nizalwe kabusha.

NgokukaJohane 3:7

Impendulo yombuzo othi "Umuntu angazalwa kanjani esemdala?" ithi — Lapho esemdala ngokwanele ukuba afe — afe ngokuphelele "emalungelweni akhe ayizidwedwe," ezimfanelweni zakhe ezinhle, enkolweni yakhe, kukho konke, futhi amukele ngaphakathi kwakhe ukuphila okwakungakaze kube khona ngaphambili. Ukuphila okusha kuzibonakalisa ngokuphenduka umuntu akuqaphelayo nangobungcwele angabuqapheli kuye ngokwakhe.

"Bonke abamamukelayo." (NgokukaJohane 1:12.) Ingabe ulwazi lwami ngoJesu luvela ekuqondeni kwangaphakathi okungokomoya, noma lumane luyilokho engakufunda ngokulalela abanye? Ingabe kukhona ekuphileni kwami okungixhumanisa neNkosi uJesu njengoMsindisi wami uqobo? Wonke umlando ongokomoya kumelwe usekelwe olwazini lomuntu siqu. Ukuzalwa kabusha kusho ukuthi ngiyambona uJesu.

"Ngaphandle kokuba umuntu azalwe kabusha, akanakuwubona umbuso kaNkulunkulu." (NgokukaJohane 3:3.) Ingabe ngifuna izimpawu zoMbuso, noma ngiyakuqonda ukubusa kukaNkulunkulu? Ukuzalwa kabusha kunikeza amandla amasha okubona engiqala ngawo ukuqonda ukubusa kukaNkulunkulu. Ukubusa kwaKhe kwakulokhu kukhona, kuhambisana nemvelo yaKhe; manje njengoba sengamukele imvelo yaKhe ngiyakubona ukubusa kwaKhe.

"Wonke umuntu ozelwe nguNkulunkulu akasenzi isono." (1 KaJohane 3:9.) Ingabe ngifuna ukuyeka ukona noma sengiyekile ukona? Ukuzalwa nguNkulunkulu kusho ukuthi nginamandla kaNkulunkulu angaphezu kwemvelo okuyeka ngawo ukona. EBhayibhelini akukaze kube ukuthi — Ingabe umKristu kufanele one? IBhayibheli likubeka ngokugcizelela — UmKristu akumelwe one. Ukusebenza okunomphumela kokuphila kokuzalwa kabusha kithi kuwukuthi asenzi isono, hhayi nje ukuthi sinamandla okungoni, kodwa ukuthi sesiyekile ukona. 1 KaJohane 3:9 akusho ukuthi asinakona; kusho ukuthi uma silalela ukuphila kukaNkulunkulu okukithi, akudingeki sone.

Buyela ekhalendeni

Qala usuku ngalunye ngesikhathi sokuthula ugxile kuKristu.

Bhalisa