UKUJEZISWA UKUZE KUQONDISWE
“Ungadeleli ukuqondiswa ngesijeziso yiNkosi, futhi ungadangali lapho usolwa nguYe.”
KumaHebheru 12:5
Kulula kakhulu ukucima uMoya; sikwenza ngokudelela ukuqondiswa ngesijeziso yiNkosi, nangokudangala lapho isisola. Uma sinokuhlangenwe nakho okungajulile kokungcweliswa, sididanisa isithunzi nokwangempela, futhi lapho uMoya kaNkulunkulu uqala ukusivimbela, sithi — hhawu, kumelwe kube ngudeveli lowo.
Ungalokothi ucime uMoya, futhi ungamdeleli lapho ethi kuwe — "Ungabe usayiphuphuthekela le ndaba; awukho lapho ubucabanga ukuthi ukhona. Kuze kube manje angikwazanga ukukwembulela lokhu, kodwa ngikwembulela khona manje." Lapho iNkosi ikuqondisa ngesijeziso ngaleyo ndlela, mvumele enze intando yaKhe. Mvumele akubeke ebudlelwaneni obulungile noNkulunkulu.
"Futhi ungadangali lapho usolwa nguYe." Siyamqumbela uNkulunkulu bese sithi — "Hhayi, kulungile, akukho engingakwenza; ngathandaza kodwa izinto azihambanga kahle, ngakho konke lokhu ngizokuyeka." Cabanga ngalokho obekuyokwenzeka ukube besikhuluma kanje kunoma yimuphi omunye umkhakha wokuphila!
Ingabe ngikulungele ukuvumela uNkulunkulu angibambe ngamandla aKhe futhi enze ngaphakathi kimi umsebenzi omfanele Yena uqobo? Ukungcweliswa akuwona umbono wami walokho engifuna uNkulunkulu angenzele kona; ukungcweliswa kuwumbono kaNkulunkulu walokho Yena afuna ukungenzela kona, futhi kumelwe angenze ngibe nesimo sengqondo nesomoya lapho ngiyomvumela khona ukuba angingcwelise ngokuphelele kungakhathaliseki ukuthi kubizani.