Ukuzindla kwansuku zonke

UNGAMCIMI UMOYA

Ungawucimi uMoya.

1 KwabaseThesalonikha 5:19

Izwi likaMoya limnene njengomoya opholile, limnene kangangokuthi uma ungaphili ekuhlanganyeleni okuphelele noNkulunkulu, awulizwa nanini. Izivimbelo zikaMoya zifika ngezindlela ezimnene ngendlela engavamile, futhi uma ungenakho ukuzwela okwanele ukuba uqaphele izwi laKhe uyowucima uMoya, bese ukuphila kwakho komuntu siqu okungokomoya kulimala. Izivimbelo zaKhe zihlale zifika njengezwi elizolile nelincane, elincane kangangokuthi akekho oziqaphelayo ngaphandle kongcwele.

Qaphela uma ebufakazini bakho siqu kufanele ubheke emuva uthi — "Kudala, eminyakeni eminingi kangaka edlule, ngasindiswa." Uma uhamba ekukhanyeni, akukho ukubheka emuva, okwedlule kuguqulwa kube yisimangaliso samanje sokuhlanganyela noNkulunkulu. Uma uphuma ekukhanyeni uba umKristu obuswa yimizwa futhi uphila ngezinkumbulo, ubufakazi bakho buzwakala buqinile, bufana nensimbi. Qaphela ukuzama ukuchibiyela ukwenqaba kwamanje ukuhamba ekukhanyeni ngokukhumbula okuhlangenwe nakho kwangesikhathi esidlule lapho wawuhamba ekukhanyeni. Noma nini lapho uMoya ekuvimbela, yima ulungise indaba, kungenjalo uyoqhubeka umdabukisa ungazi.

Ake sithi uNkulunkulu ukulethe esimweni esibucayi futhi ucishe udlule kuso kodwa ungadluli ngokuphelele, uyophinde asihlele leso simo esibucayi, kodwa ngeke sisaba bukhali njengakuqala. Kuyoba kuncane ukumqonda kwakho uNkulunkulu futhi kube kukhulu ukuhlazeka kwakho ngenxa yokungalaleli; futhi uma uqhubeka udabukisa uMoya, kuyofika isikhathi lapho leso simo singeke sisaphindwa, ngoba usumdabukise waze wasuka. Kodwa uma udlula kuleso simo esibucayi, kuyoba khona ihubo lokudumisa uNkulunkulu. Ungalokothi uzwelane nento ehlala ihlaba uNkulunkulu. UNkulunkulu kumelwe ayilimaze into okumelwe isuke.

Buyela ekhalendeni

Qala usuku ngalunye ngesikhathi sokuthula ugxile kuKristu.

Bhalisa