Ukuzindla kwansuku zonke

IMFUNDISO NGONKULUNKULU YOKUPHUMULA

Nesabelani, nina bokholo oluncane?

NgokukaMathewu 8:26

Lapho sesaba akukho okunye esingakwenza ngaphandle kokuthandaza kuNkulunkulu, kodwa iNkosi yethu inelungelo lokulindela ukuthi labo ababiza iGama laKhe babe nokwethemba okunokuqonda kuYe. UNkulunkulu ulindele ukuba abantwana baKhe bathembele kuYe kangangokuthi kunoma yisiphi isimo esibucayi kube yibo abanokwethenjelwa. Ukuthembela kwethu kuNkulunkulu kufinyelela ezingeni elithile, bese sibuyela emithandazweni yokuqala yokwethuka yabantu abangamazi uNkulunkulu. Siphelelwa amasu, sibonise ukuthi asinakho nokuncane ukwethemba kuYe nasekulawuleni kwaKhe izwe; Yena ubonakala sengathi ulele, futhi asiboni lutho ngaphandle kwamagagasi aphahlazayo ngaphambili.

"O nina bokholo oluncane!" Yeka ubuhlungu okumelwe ukuba obagwaza abafundi — 'Siphinde sahluleka!' Futhi yeka ubuhlungu obuyosihlaba lapho ngokuzumayo siqaphela ukuthi sasingaletha injabulo yangempela enhliziyweni kaJesu ngokuhlala simethemba ngokuphelele, kungakhathaliseki ukuthi yini eyayingaphambili.

Kunezigaba ekuphileni lapho kungekho siphepho, kungekho simo esibucayi, lapho senza konke okusemandleni ethu njengabantu; kulapho kuvela isimo esibucayi lapho siveza khona masinyane ukuthi sincike kubani. Uma besilokhu sifunda ukukhonza uNkulunkulu nokumethemba, isimo esibucayi siyoveza ukuthi siyofinyelela eqophelweni lokwephuka kodwa ukwethemba kwethu kuYe kungaphuki.

Besikhuluma kakhulu ngokungcweliswa — kuyogcina kuyini konke lokhu? Kufanele kuphumele ekuphumuleni kuNkulunkulu okusho ubunye noNkulunkulu, ubunye obungasenzeli nje kuphela ukuba singasoleki emehlweni aKhe, kodwa futhi sibe yinjabulo ejulile kuYe.

Buyela ekhalendeni

Qala usuku ngalunye ngesikhathi sokuthula ugxile kuKristu.

Bhalisa