ISAKRAMENTE SONGCWELE
“Labo abahlupheka ngokwentando kaNkulunkulu, mababeke ukugcinwa kwemiphefumulo yabo kuYe ngokwenza okuhle.”
1 KaPhethro 4:19
Ukukhetha ukuhlupheka kusho ukuthi kukhona okungalungile; ukukhetha intando kaNkulunkulu ngisho noma kusho ukuhlupheka kuyinto ehluke kakhulu. Akekho ongcwele ophile kahle owake akhethe ukuhlupheka; ukhetha intando kaNkulunkulu, njengoba kwenza uJesu, kungakhathaliseki ukuthi kusho ukuhlupheka noma cha. Akekho ongcwele ongalokotha aphazamise ukuqeqeshwa ngokuhlupheka komunye ongcwele.
Ongcwele owenelisa inhliziyo kaJesu uyokwenza abanye abangcwele baqine futhi bavuthwe ngenxa kaNkulunkulu. Abantu abasenzela okuhle abalokothi babe yilabo abasizwelayo, bahlale besivimbela, ngoba uzwela luthena amandla. Akekho oqonda ongcwele ngaphandle kongcwele oseduze kakhulu noMsindisi. Uma samukela uzwela longcwele, umuzwa osabela ngaphakathi uthi — Hhayi-ke, uNkulunkulu ungiphatha kabuhlungu. Yingakho uJesu athi ukuzidabukela kwakungokukaSathane (bheka NgokukaMathewu 16:23). Yiba nomusa edumeni likaNkulunkulu. Kulula ukungcolisa isimilo sikaNkulunkulu ngoba uNkulunkulu akalokothi aphendule, akalokothi azivikele Yena uqobo. Qaphela umqondo wokuthi uJesu wayedinga uzwela ekuphileni kwaKhe kwasemhlabeni; wenqaba uzwela lomuntu ngoba wayazi ngokuhlakanipha okukhulu kakhulu ukuthi akekho emhlabeni owayeqonda lokho akufunayo. Wamukela uzwela kuYise kuphela, nasezingelosini ezulwini. (Qhathanisa NgokukaLuka 15:10.)
Qaphela indlela uNkulunkulu abonakala ebachitha ngayo abangcwele baKhe ngendlela engenakuchazwa, ngokokwahlulela kwezwe. UNkulunkulu utshala abangcwele baKhe ezindaweni ezibonakala zingelusizo neze. Sithi — UNkulunkulu uhlose ukuba ngibe lapha ngoba ngilusizo kakhulu. UJesu akalokothi alinganise ukuphila kwaKhe ngendlela yokuthi kusiza kakhulu kangakanani. UNkulunkulu ubeka abangcwele baKhe lapho beyomkhazimulisa khona, futhi thina asibona nhlobo abahluleli bokuthi leyo ndawo ikuphi.