UMTHANDAZO OZWAKALA KUYISE
“Baba, ngiyakubonga ukuthi ungizwile.”
NgokukaJohane 11:41
Lapho iNdodana kaNkulunkulu ithandaza, inokuqaphela okukodwa kuphela, futhi lokho ukuqaphela uYise. UNkulunkulu uhlale eyizwa imithandazo yeNdodana yaKhe, futhi uma iNdodana kaNkulunkulu yakheka ngaphakathi kimi uBaba uyohlale eyizwa imithandazo yami. Kumelwe ngiqinisekise ukuthi iNdodana kaNkulunkulu ibonakaliswa enyameni yami efayo. "Umzimba wakho uyithempeli likaMoya oNgcwele," okungukuthi, iBhetlehema leNdodana kaNkulunkulu. Ingabe iNdodana kaNkulunkulu ithola ithuba laYo ngaphakathi kimi? Ingabe ubulula obuqondile bokuphila kweNdodana kaNkulunkulu bufezwa ngendlela efanayo naleyo obafezwa ngayo ekuphileni kwaYo komlando? Lapho ngihlangana nezenzakalo zokuphila njengomuntu ovamile, ingabe umthandazo weNdodana yaPhakade kaNkulunkulu oya kuYise uthandazwa ngaphakathi kimi? "Ngalolo suku niyocela egameni laMi. . . ." Yiluphi usuku? Usuku lapho uMoya oNgcwele efike kimi futhi wangenza ngaba munye neNkosi yami ngokuphumelelayo.
Ingabe iNkosi uJesu Kristu yaneliseka kakhulu ekuphileni kwakho noma usuzigqaja ngokukamoya? Ungalokothi uvumele ingqondo ephusile ingenelele futhi iphushele iNdodana kaNkulunkulu eceleni. Ingqondo ephusile iyisipho uNkulunkulu asinika imvelo yomuntu; kodwa ingqondo ephusile ayisona isipho seNdodana yaKhe. Umqondo ongaphezu kwemvelo uyisipho seNdodana yaKhe; ungalokothi ubeke ingqondo ephusile esihlalweni sobukhosi. INdodana iyamqaphela uYise; ingqondo ephusile ayikaze imqaphele uBaba futhi ayisoze yamqaphela. Ukuhlakanipha kwethu okuvamile akumkhonzi uNkulunkulu ngaphandle kokuba kuguqulwe isimo yiNdodana kaNkulunkulu ehlala ngaphakathi. Kumelwe siqinisekise ukuthi le nyama efayo igcinwa izithobe ngokuphelele kuYe nokuthi Yena usebenza ngayo umzuzu nomzuzu. Ingabe siphila ekuncikeni okunjalo komuntu kuJesu Kristu kuze ukuphila kwaKhe kubonakaliswe umzuzu nomzuzu?