Ukuzindla kwansuku zonke

NGEMVA KOKULALELA — YINI?

Masinyane Yena waphoqa abafundi baKhe ukuba bangene emkhunjini, baye ngaphesheya. . . .

NgokukaMakhu 6:45-52

Sithambekele ekucabangeni ukuthi uma uJesu Kristu esiphoqa, bese simlalela, uyosiholela empumelelweni enkulu. Akumelwe nanini sibeke amaphupho ethu empumelelo njengokungathi ayinjongo kaNkulunkulu ngathi; injongo yaKhe ingase ibe okuphambene ncamashi. Sinomqondo wokuthi uNkulunkulu usiholela esiphethweni esithile, emgomweni esiwufisayo; akunjalo. Ukufika esiphethweni esithile kumane kuyisigameko. Lokho esikubiza ngokuthi inqubo, uNkulunkulu ukubiza ngokuthi isiphetho.

Liyini iphupho lami ngenjongo kaNkulunkulu? Injongo yaKhe iwukuba ngincike kuYe nasemandleni aKhe manje. Uma ngingahlala phakathi kwesiphithiphithi ngizolile futhi ngingadidekile, lokho kuwukufezeka kwenjongo kaNkulunkulu. UNkulunkulu akasebenzeli ukufinyelela esiphethweni esithile; isiphetho saKhe siyinqubo — ukuba ngibone Yena ehamba phezu kwamagagasi, kungabonakali ugu, kungabikho mpumelelo, kungabikho mgomo, kube khona nje ukuqiniseka okuphelele ukuthi konke kulungile ngoba ngibona Yena ehamba phezu kolwandle. Yinqubo, hhayi isiphetho, ekhazimulisa uNkulunkulu.

Ukuqeqesha kukaNkulunkulu kungokwanamuhla, hhayi okwesikhathi esizayo esiseduze. Injongo yaKhe ingeyalo mzuzu, hhayi eyokuthile okusekusasa. Akusikho okwethu ukukhathazeka ngokulandela ukulalela; siyaphambuka lapho sicabanga ngokuyolandela. Lokho abantu abakubiza ngokuqeqesha nokulungiselela, uNkulunkulu ukubiza ngokuthi isiphetho.

Isiphetho sikaNkulunkulu siwukungenza ngibone ukuthi Yena angahamba phezu kwesiphithiphithi sokuphila kwami khona manje. Uma sibheke esinye isiphetho esikude, asikunaki ngokwanele okukhona njengamanje: uma siqaphela ukuthi ukulalela kuyisiphetho, khona-ke umzuzu ngamunye lapho ufika uyigugu.

Buyela ekhalendeni

Qala usuku ngalunye ngesikhathi sokuthula ugxile kuKristu.

Bhalisa