Ukuzindla kwansuku zonke

INDLELA YOKWAZI

Uma umuntu ezimisele ukwenza intando yaKhe, uyokwazi ngemfundiso . . .

NgokukaJohane 7:17

Umthetho wegolide wokuqonda ngokukamoya akuwona amandla engqondo, kodwa ukulalela. Uma umuntu efuna ulwazi lwesayensi, ilukuluku lengqondo liyisiqondiso sakhe; kodwa uma efuna ukuqonda lokho uJesu Kristu akufundisayo, angakuthola ngokulalela kuphela. Uma izinto zimnyama kimi, ngingaqiniseka ukuthi kukhona engingazimisele ukukwenza. Ubumnyama bengqondo bubangelwa ukungazi; ubumnyama bukamoya bubangelwa okuthile engingahlosile ukukulalela.

Akekho umuntu owake wamukela izwi elivela kuNkulunkulu ngaphandle kokuba avivinywe ngalo masinyane. Asilaleli bese siyazibuza ukuthi kungani singaqhubeki ngokukamoya. 'Uma lapho ufika e-altare,' kusho uJesu, 'ukhumbula khona ukuthi umfowenu unokuthile ngawe . . . ungabe usasho nelinye izwi Kimi, kodwa qala uhambe uyolungisa leyo nto.' Imfundiso kaJesu isithinta khona kanye lapho siphila khona. Asikwazi ukuma njengabazenzisi phambi kwaKhe ngisho nomzuzwana owodwa. Usiqeqesha kuze kufike emininingwaneni kanembeza. UMoya kaNkulunkulu uvumbulula umoya wokuzithethelela; usenza sizwele ezintweni esasingakaze sizicabange ngaphambili.

Lapho uJesu ekwenza uqonde okuthile ngokucacile ngezwi laKhe, ungakugwemi. Uma ukwenza, uyoba ngumzenzisi wenkolo. Qaphela izinto ozinyakazela amahlombe, khona uyokwazi ukuthi kungani ungaqhubeki ngokukamoya. Qala uhambe — nakuba ungase ubhekwe njengoshiseka ngokweqile kumelwe ulalele lokho uNkulunkulu akutshela khona.

Buyela ekhalendeni

Qala usuku ngalunye ngesikhathi sokuthula ugxile kuKristu.

Bhalisa