UBONANI EMAFWINI AKHO?
“Bheka, Yena uyeza namafu.”
ISambulo 1:7
EBhayibhelini amafu ahlala ehlotshaniswa noNkulunkulu. Amafu ayilolo sizi noma ukuhlupheka noma izenzo zokuhlinzeka kukaNkulunkulu, ngaphakathi noma ngaphandle kokuphila kwethu siqu, okubonakala kuphikisa ukubusa kukaNkulunkulu. Kungawo kanye lawo mafu lapho uMoya kaNkulunkulu esifundisa khona ukuhamba ngokholo. Ukube awekho amafu, besingeke sibe nokholo. "Amafu amane awuthuli lwezinyawo zikaBaba wethu." Amafu awuphawu lokuthi Yena ukhona. Yeka ukuthi kuyisambulo esingakanani ukwazi ukuthi usizi nokushonelwa nokuhlupheka kungamafu ahambisana noNkulunkulu! UNkulunkulu akakwazi ukusondela ngaphandle kwamafu, akezi ngokukhanya okucacile.
Akulona iqiniso ukusho ukuthi uNkulunkulu ufuna ukusifundisa okuthile ezivivinyweni zethu: ngefu ngalinye alilethayo, ufuna ukuba sikhohlwe okuthile esakufunda. Injongo yaKhe efwini iwukwenza ukukholwa kwethu kube lula kuze kube yilapho ubuhlobo bethu naYe bufana ncamashi nobomntwana — kube nguNkulunkulu nomphefumulo wami uqobo, abanye abantu babe yizithunzi. Kuze kube yilapho abanye abantu beba yizithunzi, amafu nobumnyama kuyofika kimi ngezikhathi ezithile. Ingabe ubuhlobo phakathi kwami noNkulunkulu buya buba lula kunanini ngaphambili?
Kukhona ukuhlobana phakathi kwezenzo zikaNkulunkulu zokuhlinzeka ezingavamile nalokho esikwaziyo ngaYe, futhi kumelwe sifunde ukuhumusha izimfihlakalo zokuphila ekukhanyeni kolwazi lwethu ngoNkulunkulu. Ngaphandle kokuba sikwazi ukubheka ngqo iqiniso elimnyama kakhulu, elimnyama bhuqe ngaphandle kokulimaza isimilo sikaNkulunkulu, asikamazi Yena.
"Besaba lapho bengena efwini . . ." — Ingabe kukhona omunye "ngaphandle kukaJesu kuphela" efwini lakho? Uma kunjalo, liyoba mnyama ngokwengeziwe; kumelwe ufike lapho "kungasekho muntu ngaphandle kukaJesu kuphela."