INANI LOMBONO
“Ngonyaka inkosi u-Uziya eyafa ngawo, ngabona neNkosi.”
U-Izaya 6:1
Umlando womphefumulo wethu noNkulunkulu uvame ukuba ngumlando "wokudlula kweqhawe." UNkulunkulu kudingeka kaninginingi asuse abangani bethu ukuze azibeke Yena esikhundleni sabo, futhi yilapho siphelelwa amandla sihluleke sidumale khona. Zibuze wena: Ngonyaka lowo owayemele kimi konke uNkulunkulu ayeyikho owafa ngawo, — ingabe ngadela konke? Ngagula? Ngadumala? noma — ngabona iNkosi?
Umbono wami ngoNkulunkulu uncike esimweni sesimilo sami. Isimilo sinquma isambulo. Ngaphambi kokuba ngithi "Ngabona neNkosi," kumelwe kube khona okuthile esimilweni sami okuhambisana noNkulunkulu. Kuze kube yilapho ngizalwa kabusha futhi ngiqala ukubona uMbuso kaNkulunkulu, ngibona kuphela ngokobandlululo lwami; ngidinga ukuhlinzwa yizigigaba zangaphandle nokuhlanzwa kwangaphakathi.
Kumelwe kube nguNkulunkulu kuqala, uNkulunkulu okwesibili, noNkulunkulu okwesithathu, kuze kube yilapho ukuphila kubhekene ngokuqhubekayo noNkulunkulu futhi kungekho omunye obaluleke nakancane. "Emhlabeni wonke akekho ngaphandle kwawe, Nkulunkulu wami, akekho ngaphandle kwawe." Qhubeka ukhokha inani. Vumela uNkulunkulu abone ukuthi uzimisele ukuphila ngokuvumelana nombono.