ISIVIVINYO ESINGAPHAMBULUKI
“Ngokuba ngokwahlulela enahlulela ngakho, niyokwahlulelwa ngakho; nangesilinganiso enilinganisa ngaso, niyolinganiselwa ngaso futhi.”
NgokukaMathewu 7:2
Lesi sisho asikona ukuqagela okungenasisekelo, singumthetho kaNkulunkulu waphakade. Noma yikuphi ukwahlulela okunikezayo, kulinganiselwa kuwe futhi. Kunomehluko phakathi kokuziphindiselela nokubuyiselwa ngokufanele. UJesu uthi isisekelo sokuphila ukubuyiselwa ngokufanele — "ngesilinganiso enilinganisa ngaso, niyolinganiselwa ngaso futhi." Uma ubukhali ekutholeni amaphutha kwabanye, khumbula ukuthi yiso kanye isilinganiso ozonikwa sona. Ukuphila kukubuyisela ngohlobo lwemali okhokha ngayo. Lo mthetho usebenza usuka esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu uye phansi (qh. AMahubo 18:25-26).
KwabaseRoma 2 kusisebenzisa ngendlela ecace kakhulu lesi simiso, kuthi lowo ogxeka omunye unecala layo kanye leyo nto. UNkulunkulu akabheki isenzo kuphela, ubheka nalokho okungenzeka. Ekuqaleni asizikholwa izisho zeBhayibheli. Ngokwesibonelo, siyakholwa yini lesi sisho, esithi izinto esizigxeka kwabanye nathi sinecala lazo? Isizathu sokuba sibone ukuzenzisa nobukhwabanisa nokungabi ngokoqobo kwabanye ukuthi konke kusezinhliziyweni zethu. Isici esikhulu sikangcwele ukuthobeka — Yebo, zonke lezo zinto nobunye ububi kwakuyobonakaliswa kimi ukube kwakungengenxa yomusa kaNkulunkulu, ngakho anginalo ilungelo lokwahlulela.
UJesu uthi — "Ningahluleli, ukuze ningahlulelwa" uma wahlulela, uyolinganiselwa ngokunembile ngendlela owahlulele ngayo. Ngubani kithi ongalokotha ame phambi kukaNkulunkulu athi — "Nkulunkulu wami, ngahlulele njengoba ngahlulele abantu engiphila nabo?" Abantu esiphila nabo sibahlulele njengezoni; ukube uNkulunkulu wasahlulela kanjalo sasiyoba sesihogweni. UNkulunkulu usahlulela ngomsebenzi wokubuyisana omangalisayo kaJesu Kristu.