Ukuzindla kwansuku zonke

UKUJWAYELANA NOSIZI

Umuntu wezinsizi ojwayelene nosizi.

U-Izaya 53:3

Asijwayelene nosizi ngendlela iNkosi yethu eyayijwayelene nalo ngayo; siyalukhuthazelela, sidlule kulo, kodwa asisondelani nalo. Ekuqaleni kokuphila asizivumelanisi neqiniso lesono. Sibheka ukuphila ngengqondo enikeza izizathu, sithi ngokulawula imizwelo yakhe yemvelo nangokuzifundisa, umuntu angaveza ukuphila okuyokhula kancane kancane kube ukuphila kukaNkulunkulu. Kodwa lapho siqhubeka, sithola ubukhona bento esingazange siyicabangele, okungukuthi, isono, futhi siphazamisa zonke izibalo zethu. Isono senze isisekelo sezinto saba ngesingalawuleki nesingenangqondo. Kumelwe siqaphele ukuthi isono siyiqiniso, akusilo iphutha; isono siwukuvukela uNkulunkulu ngokusobala. NguNkulunkulu noma yisono okumelwe kufe ekuphileni kwami. ITestamente Elisha lisiletha ngqo kulolu daba olulodwa. Uma isono sibusa kimi, ukuphila kukaNkulunkulu okukimi kuyobulawa; uma uNkulunkulu ebusa kimi, isono esikimi siyobulawa. Akukho esinye isiphetho esingenzeka. Isiqongo sesono ukuthi sabethela uJesu Kristu, futhi lokho okwakuyiqiniso emlandweni kaNkulunkulu emhlabeni kuyoba yiqiniso emlandweni wakho nakowami. Endleleni yethu yokubheka ngengqondo kumelwe sizivumelanise neqiniso lesono njengokuphela kwencazelo yokuthi kungani uJesu Kristu eza, nanjengencazelo yosizi nokudabuka ekuphileni.

Buyela ekhalendeni

Qala usuku ngalunye ngesikhathi sokuthula ugxile kuKristu.

Bhalisa