Ukuzindla kwansuku zonke

INKONZO YANGAPHAKATHI

Kodwa nina . . . ningubupristi bobukhosi.

1 KaPhethro 2:9

Siba "ngubupristi bobukhosi" ngaliphi ilungelo? Ngelungelo lomsebenzi wokubuyisana. Ingabe sizilungiselele ukuzishiya ngokuphelele singaziphazamisi bese siphumela emsebenzini wobupristi womthandazo? Ukumba njalo ngaphakathi, ukuze sibone ukuthi siyilokho okufanele sibe yikho yini kuveza uhlobo lobuKristu oluzicabangela lona, nolugula ngokweqile, hhayi ukuphila okuqinile nokulula komntwana kaNkulunkulu. Kuze kube yilapho singena ebudlelwaneni obulungile noNkulunkulu, kuba yindaba yokubambelela ngesikhumba samazinyo ethu, bese sithi — Yeka ukunqoba okumangalisayo engikutholile. Akukho lutho lapho olubonisa isimangaliso sokuhlengwa. Phumela ekukholweni okungacabangi ingozi ukuthi ukuhlengwa kuphelele, ungabe usazihlupha ngawe, kodwa uqale ukwenza njengoba uJesu Kristu asho — thandazela umngane oza kuwe phakathi kwamabili, thandazela abangcwele, thandazela bonke abantu. Thandaza usekelwe ekuqapheleni ukuthi uphelele kuKristu Jesu kuphela, hhayi kulesi sicelo — "Nkosi, ngenze konke okusemandleni ami, ngicela ungizwe."

Kuyomthatha isikhathi esingakanani uNkulunkulu ukusikhulula emkhubeni ogula ngokweqile wokuzicabanga? Kumelwe sizenyanye kuze kube sekufeni, kungabe kusasimangaza noma yini uNkulunkulu angasitshela yona ngathi. Asikwazi ukuthinta ukujula kobubi obukithi. Kunendawo eyodwa kuphela lapho silungile khona, ikuKristu Jesu. Lapho silapho, kumelwe sizithulule ngawo wonke amandla ethu kule nkonzo yangaphakathi.

Buyela ekhalendeni

Qala usuku ngalunye ngesikhathi sokuthula ugxile kuKristu.

Bhalisa