INGABE USUFIKE "LAPHO" NA?
“INkosi yabuyisa ukuthunjwa kukaJobe lapho ethandazela abangane bakhe.”
UJobe 42:10
Uhlobo lomthandazo olukhonondayo, oluzicabangela lona, nolugula ngokweqile, ukuzimisela okuqinile kokuthi ngifuna ukuba ngolungile, alutholakali nanini eTestamenteni Elisha. Iqiniso lokuthi ngizama ukuba ngolungile noNkulunkulu liwuphawu lokuthi ngivukela umsebenzi wokubuyisana. "Nkosi, ngizohlanza inhliziyo yami uma uphendula umthandazo wami; ngizohamba ngokufanele uma ungisiza." Angikwazi ukuzenza ngibe ngolungile noNkulunkulu, angikwazi ukwenza ukuphila kwami kuphelele; ngingaba ngolungile noNkulunkulu kuphela uma ngamukela umsebenzi wokubuyisana weNkosi uJesu Kristu njengesipho esiphelele. Ingabe ngithobeke ngokwanele ukuwamukela? Kumelwe ngidedele zonke izinhlobo zokufuna okuthile futhi ngiyeke yonke imizamo, ngizishiye ngokuphelele ezandleni zaKhe ngingaziphazamisi, bese ngiqala ukuzithulula emsebenzini wobupristi wokunxusela. Kunomthandazo omningi ovela ekungakholweni kwangempela emsebenzini wokubuyisana. UJesu akaqali ukusisindisa, usesindisile, into yenziwe, futhi kuwukumthuka ukumcela ukuba ayenze.
Uma ungakutholi okuphindwe ngekhulu, ungatholi ukuqonda izwi likaNkulunkulu, qala-ke ukuthandazela abangane bakho, ungene enkonzweni yangaphakathi. "INkosi yabuyisa ukuthunjwa kukaJobe lapho ethandazela abangane bakhe." Umsebenzi wangempela wokuphila kwakho njengomphefumulo osindisiwe ngumthandazo wokunxusela. Noma kuphi lapho uNkulunkulu ekubeka khona ezimweni, thandaza ngokushesha, thandazela ukuba umsebenzi waKhe wokubuyisana ufezeke ube ngokoqobo kwezinye izimpilo njengoba wenziwa kweyakho. Thandazela abangane bakho manje; thandazela labo oxhumana nabo manje.