UNGAXEGI
“Noma yini eniyoyicela egameni lami, ngiyoyenza.”
NgokukaJohane 14:13
Ingabe ngiyayifeza le nkonzo yangaphakathi? Akukho lugibe noma ingozi yokuthatheka noma yokuzidla ekunxuseleni, yinkonzo efihlekile eveza izithelo uBaba akhazimuliswa ngazo. Ingabe ngivumela ukuphila kwami komoya kusaphazwe kube yizicucu, noma ngikuletha konke esizindeni esisodwa — umsebenzi wokubuyisana weNkosi yami? Ingabe uJesu Kristu uya ebusa ngokwengeziwe yonke into engiyikhathalelayo ekuphileni kwami? Uma iphuzu elilodwa eliyisizinda, ithonya elikhulu elisebenzayo ekuphileni kwami lingumsebenzi wokubuyisana weNkosi, khona-ke zonke izigaba zokuphila kwami ziyothela izithelo ngenxa yaKhe.
Kumelwe ngizinike isikhathi sokuqaphela ukuthi liyini iphuzu eliyisizinda samandla. Ingabe nginika umzuzu owodwa kwengamashumi ayisithupha ukuze ngigxile kulo? "Uma nihlala kimi" — qhubekani nenza nicabanga futhi nisebenza nisuka kuleso sizinda — "niyocela enikuthandayo, kwenziwe kini." Ingabe ngihlala kuYe? Ingabe ngizinika isikhathi sokuhlala? Yisiphi isici esikhulu kakhulu samandla ekuphileni kwami? Ingabe ngumsebenzi, inkonzo, ukuzidela ngenxa yabanye, noma ukuzama ukusebenzela uNkulunkulu? Into okufanele ibe namandla amakhulu kakhulu ekuphileni kwami ngumsebenzi wokubuyisana weNkosi. Akuyona into esichitha kuyo isikhathi esiningi esibumba kakhulu; isici esikhulu kunazo zonke yinto esebenzisa amandla amakhulu. Kumelwe sinqume ukuzibekela umkhawulo nokugxilisa konke esikuthandayo.
"Noma yini eniyoyicela egameni lami, ngiyoyenza." Umfundi ohlala kuJesu uyintando kaNkulunkulu, futhi ukukhetha kwakhe okubonakala kukhululekile kuyizinqumo zikaNkulunkulu ezanqunywa kusengaphambili. Kuyimfihlakalo? Kuyaziphikisa futhi kuwubuwula ngokwengqondo? Yebo, kodwa kuyiqiniso elikhazimulayo kongcwele.