"NGIVUKA EMANXIWENI"
“Ngubani oyosihlukanisa nothando lukaKristu?”
KwabaseRoma 8:35
UNkulunkulu akamgcini umuntu evikelekile ezinkathazweni; uthi — "Ngiyoba naye enkathazweni." Akunandaba ukuthi yiziphi izinkathazo zangempela noma sezisesimweni esedlulele kangakanani, ezibamba ukuphila komuntu kodwa ayikho neyodwa kuzo engamhlukanisa nobudlelwano bakhe noNkulunkulu. "Singaphezu kwabanqobi kuzo zonke lezi zinto." UPawulu akakhulumi ngezinto ezicatshangwayo, kodwa ngezinto eziyiqiniso elibuhlungu; futhi uthi siphakathi kwazo singabanqobi abakhulu, hhayi ngobuhlakani bethu, noma ngesibindi sethu, noma nganoma yini ngaphandle kweqiniso lokuthi ayikho neyodwa kuzo ethinta ubudlelwano bethu noNkulunkulu kuJesu Kristu. Ngokufanele noma ngokungafanele, silapho sikhona, sikuso kanye isimo esikuso. Ngiyamdabukela umKristu ongenalutho ezimweni zakhe afisa sengathi ngabe alukho.
"Ingabe ukuhlupheka . . . ?" Ukuhlupheka akukaze kube yinto ehloniphekile; kodwa noma ukuhlupheka kungaba yini — kuqede amandla, kuhlabe, kukhathaze, akunamandla okusihlukanisa nothando lukaNkulunkulu. Ungalokothi uvumele izinkathazo noma ukuhlupheka kukuhlukanise neqiniso lokuthi uNkulunkulu uyakuthanda.
"Ingabe ubuhlungu obukhulu . . . ?" — ingabe uthando lukaNkulunkulu lungabambelela lapho zonke izinto zithi uthando lwaKhe lungamanga, nokuthi ayikho into enjengobulungisa?
"Ingabe indlala . . . ?" — singakwazi yini hhayi nje ukukholwa othandweni lukaNkulunkulu, kodwa nokuba ngaphezu kwabanqobi ngisho nalapho sibulawa yindlala?
Kuphakathi kokuthi uJesu Kristu ungumkhohlisi noPawulu ukhohlisiwe, noma kukhona okungavamile okwenzeka kumuntu obambelela othandweni lukaNkulunkulu lapho zonke izimo zibonakala ziphikisa isimilo sikaNkulunkulu. Ingqondo ethungatha izizathu iyathuliswa phambi kwazo zonke lezi zinto. Yinto eyodwa kuphela engakuchaza — uthando lukaNkulunkulu kuKristu Jesu. "Ngivuka emanxiweni" ngaso sonke isikhathi.