UKUNGABI NANGQONDO OKUCOPHELELAYO
“Bhekani izinyoni zezulu." . . . "Cabangani ngeminduze yasendle.”
NgokukaMathewu 6:26, 28
Cabangani ngeminduze yasendle, indlela ekhula ngayo, imane ibe khona! Cabanga ngolwandle, umoya, ilanga, izinkanyezi nenyanga — konke lokhu kumane kube khona, kodwa yeka inkonzo okuyenzayo. Kaningi sonakalisa ithonya uNkulunkulu ahlele ukulisebenzisa ngathi ngomzamo wethu esiziqaphela kuwo wokuba abaguquguquki nabawusizo. UJesu uthi kunendlela eyodwa kuphela yokukhula ngokomoya, ukugxila kuNkulunkulu. "Ungazihluphi ngokuba wusizo kwabanye; kholwa kimi" — naka uMthombo, kuyobe sekugeleza kuwe imifula yamanzi aphilayo. Ngeke sifinyelele emithonjeni yokuphila kwethu kwemvelo ngengqondo ephusile, futhi uJesu ufundisa ukuthi ukukhula ekuphileni komoya akuncikile ekukubhekeni kwethu, kodwa ekugxileni kuBaba wethu osezulwini. UBaba wethu wasezulwini uyazazi izimo esikuzo, futhi uma siqhubeka sigxile kuYe siyokhula ngokomoya njengeminduze.
Abantu abasithonya kakhulu akubona abasivimba ngenkani bese bekhuluma nathi, kodwa yilabo abaphila ukuphila kwabo njengezinkanyezi ezulwini neminduze yasendle, ngobulula obuphelele nangokungazenzisi. Yilokho ukuphila okusibumbayo.
Uma ufuna ukuba wusizo kuNkulunkulu, yiba nobudlelwano obulungile noJesu Kristu futhi uyokwenza ube wusizo ungakuqapheli kuwo wonke umzuzu owuphilayo.