Ukuzindla kwansuku zonke

UKWENYUKA KWAKHE NOBUNYE BETHU

Kwenzeka lokhu, esababusisa, wahlukana nabo, wenyuselwa ezulwini.

NgokukaLuka 24:51

Asinakho okuhlangenwe nakho okufana nezehlakalo ekuphileni kweNkosi yethu ngemva kokuGuqulwa. Kusukela ngaleso sikhathi ukuphila kweNkosi yethu' kwakwenzelwa abanye ngokuphelele ngokuthatha indawo yabo. Kuze kufike isikhathi sokuGuqulwa yabonisa ukuphila okuvamile nokuphelele komuntu; kusukela ekuGuqulweni kuqhubeke — iGetsemane, isiPhambano, ukuVuka — konke akujwayelekile kithi. IsiPhambano saKhe siyisango wonke umuntu wohlanga lwesintu angangena ngalo ekuphileni kukaNkulunkulu; ngokuvuka kwaKhe unelungelo lokunika noma yimuphi umuntu ukuphila okuphakade, futhi ngokwenyuka kwaKhe iNkosi yethu ingena ezulwini igcine isango livulekele isintu.

ENtabeni yokuNyukela ukuGuqulwa kuyapheleliswa. Ukube uJesu waya ezulwini esuka eNtabeni yokuGuqulwa, wayezohamba yedwa; kithi wayengeke abe yilutho ngaphandle kokuba nguMuntu okhazimulayo. Kodwa wafulathela inkazimulo, wehla eNtabeni ukuze azihlanganise nesintu esiwileyo.

Ukwenyuka kungukupheleliswa kokuGuqulwa. Manje iNkosi yethu ibuyela ngempela enkazimulweni yaKhe yokuqala; kodwa ayibuyeli njengeNdodana kaNkulunkulu kuphela; ibuyela kuNkulunkulu njengeNdodana yoMuntu nanjengeNdodana kaNkulunkulu. Manje noma ubani ukhululekile ukufinyelela ngqo esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu ngokwenyuka kweNdodana yoMuntu. NjengeNdodana yoMuntu uJesu Kristu wazilinganisela ngamabomu ekubeni namandla onke, ekubeni khona yonke indawo nasekwazini konke. Manje konke lokhu kungokwaKhe ngamandla aphelele nangenamkhawulo. NjengeNdodana yoMuntu uJesu Kristu unawo wonke amandla esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu. UyiNkosi yamakhosi noMbusi wababusi kusukela ngosuku lokwenyuka kwaKhe kuze kube manje.

Buyela ekhalendeni

Qala usuku ngalunye ngesikhathi sokuthula ugxile kuKristu.

Bhalisa