Ukuzindla kwansuku zonke

UMKHAKHA WOKUYIQINISO

Ngokubekezela kwenu zuzani imiphefumulo yenu.

NgokukaLuka 21:19

Lapho umuntu ezalwa kabusha, okwesikhashana ukucabanga kwakhe nokufuna kwakhe izizathu akubi namandla afanayo nakudala. Kumelwe sibonakalise ukuphila okusha, sakhe ingqondo kaKristu. "Zuza umphefumulo wakho ngokubekezela." Abaningi bethu bakhetha ukuhlala embundwini wokuphila kobuKristu esikhundleni sokuqhubeka bakhe umphefumulo ngokuvumelana nokuphila okusha uNkulunkulu akufake ngaphakathi. Sehluleka ngoba asiyazi indlela esenziwe ngayo, sisola udeveli ngezinto esikhundleni sokusola imvelo yethu engalawuleki. Cabanga ukuthi singaba yini lapho sivuswa!

Kunezinto ezithile okungafanele sizithandazele — izimo zemizwa, ngokwesibonelo. Izimo zemizwa azihambi ngokuthandaza, zihamba ngokukhahlelwa. Isimo semizwa cishe ngaso sonke isikhathi sihlala esimweni somzimba, hhayi kwesokuziphatha. Kungumzamo oqhubekayo ukungalaleli izimo zemizwa ezivela esimweni somzimba, ungalokothi uzithobe kuzo nangomzuzwana owodwa. Kumelwe sizibambe ngesikhumba sentamo sizinyakazise, futhi siyothola ukuthi singakwenza lokho esasithi asikwazi ukukwenza. Isiqalekiso sabaningi bethu ukuthi asifuni. Ukuphila kobuKristu kungukuphila kwesibindi somoya esifakwe emzimbeni.

Buyela ekhalendeni

Qala usuku ngalunye ngesikhathi sokuthula ugxile kuKristu.

Bhalisa