UMUSA WOKUNGAQINISEKI
“Akukabonakali ukuthi siyoba yini.”
1 KaJohane 3:2
Ngokwemvelo, sithambekele ekulinganiseni nasekubaleni kakhulu kangangokuba sibheka ukungaqiniseki njengento embi. Sicabanga ukuthi kumelwe sifinyelele esiphethweni esithile, kodwa akunjalo ukuphila komoya. Imvelo yokuphila komoya ukuthi siqinisekile phakathi kokungaqiniseki kwethu, ngakho asakhi izidleke zethu ndawo. Ingqondo ephusile ithi — "Kodwa-ke, ake sithi bengikuleso simo . . ." Asikwazi ukuzicabanga sikusimo esingakaze sibe kuso. Ukuqiniseka kuwuphawu lokuphila kwengqondo ephusile: ukungaqiniseki okunomusa kuwuphawu lokuphila komoya. Ukuqiniseka ngoNkulunkulu kusho ukuthi asiqinisekile ngazo zonke izindlela zethu, asazi ukuthi usuku lungaveza ini. Lokhu kuvame ukushiwo ngokububula kosizi, kunalokho kufanele kube ukubonakaliswa kokulindela okujabulisa kangangokuba sibamba umoya. Asiqinisekile ngesinyathelo esilandelayo, kodwa siqinisekile ngoNkulunkulu. Lapho nje sizinikela ngokuphelele kuNkulunkulu, senze nomsebenzi oseduze, ugcwalisa ukuphila kwethu ngezimanga njalo. Lapho siba ngabameli besivumo sokholo, kukhona okufayo; asikholwa uNkulunkulu, sikholwa kuphela inkolelo yethu ngaYe. UJesu wathi, "Ngaphandle kokuba nibe njengabantwana abancane." Ukuphila komoya kungukuphila komntwana. Asingabazi uNkulunkulu, kodwa asiqiniseki ngalokho azokwenza ngokulandelayo. Uma siqinisekile ezinkolelweni zethu kuphela, siba nesithunzi futhi siqine imibono yethu ibe nesigxivizo sokugcina; kodwa lapho sinobudlelwano obulungile noNkulunkulu, ukuphila kugcwala ukungaqiniseki okuzenzakalelayo, okujabulisayo nokulindela.
"Kholwani nakimi," kusho uJesu, hhayi ukuthi — "Kholwani izinto ezithile ngami." Shiyela konke kuYe, kuyinto enhle ngokukhazimulayo ukungaqiniseki ukuthi uyongena kanjani, kodwa uyongena. Hlala uthembekile kuYe.