Ukuzindla kwansuku zonke

UKUZENZAKALELA KOTHANDO

Uthando luyabekezela, lunomusa . . .

1 KwabaseKhorinte 13:4-8

Uthando aluhlelwa kusengaphambili, luyazenzakalela, okungukuthi, luqhuma ngezindlela ezingavamile. Akukho ukuqiniseka okufana nokwezibalo encazelweni kaPawulu yothando. Asikwazi ukuthi — "Manje angiyikucabanga okubi; ngiyokholwa yizinto zonke." Isici sothando ukuzenzakalela. Asizibeki izisho zikaJesu phambi kwethu njengesilinganiso; kodwa lapho uMoya waKhe usenza ngokwentando yaKhe, siphila ngokwesilinganiso saKhe singazi, futhi lapho sibheka emuva siyamangala ngokungazifuneli nzuzo komuzwa othile, okuwubufakazi bokuthi ukuzenzakalela kothando lwangempela kwakukhona. Kukho konke okuphathelene nokuphila kukaNkulunkulu kithi, imvelo yalokho kuphila ibonakala kuphela lapho sekudlulile.

Imithombo yothando ikuNkulunkulu, hhayi kithi. Kuwubuwula ukufuna uthando lukaNkulunkulu ezinhliziyweni zethu ngokwemvelo, lukhona kuphela lapho seluthululelwe ezinhliziyweni zethu nguMoya oNgcwele.

Uma sizama ukufakazela uNkulunkulu ukuthi simthanda kangakanani, kuwuphawu oluqinisekile lokuthi asimthandi. Ubufakazi bokumthanda kwethu ukuzenzakalela okuphelele kothando lwethu, luzifikela ngokwemvelo. Lapho sibheka emuva asikwazi ukusho ukuthi kungani senza izinto ezithile, sazenza ngokuvumelana nokuzenzakalela kothando lwaKhe kithi. Ukuphila kukaNkulunkulu kuzibonakalisa ngale ndlela ezenzakalelayo ngoba imithombo yothando ikuMoya oNgcwele. (KwabaseRoma 5:5.)

Buyela ekhalendeni

Qala usuku ngalunye ngesikhathi sokuthula ugxile kuKristu.

Bhalisa