LOKHO OYOKUTHOLA
“Ukuphila kwakho ngiyakukunika kube yimpango kuzo zonke izindawo lapho uya khona.”
UJeremiya 45:5
Lena yimfihlo yeNkosi engenakunyakaziswa kulabo abathembela kuYe — "Ngiyokunika ukuphila kwakho." Yini enye umuntu ayifunayo ngaphezu kokuphila kwakhe? Yikho okubalulekile. "Ukuphila kwakho kube yimpango" kusho ukuthi noma ungayaphi, ngisho noma ungaya esihogweni, uyophuma nokuphila kwakho, akukho lutho olungakulimaza. Abaningi kakhulu kithi babanjwa ukubukeka kwangaphandle kwezinto, hhayi ngokwempahla nezinto esinazo, kodwa ngokwezibusiso. Zonke lezi zinto kumelwe zidlule; kodwa kukhona okukhulu kunazo okungeke neze kudlule — ukuphila "okufihlwe noKristu kuNkulunkulu."
Ingabe uzilungiselele ukuvumela uNkulunkulu akuholele ekubeni munye naYe, ungabe usazinaka izinto ozibiza ngokuthi zinkulu? Ingabe uzilungiselele ukuzinikela ngokuphelele udedele? Isivivinyo sokuzinikela ngokuphelele sisekwenqabeni ukusho ukuthi — "Kodwa-ke, kuthiwani ngalokhu?" Qaphela ukuqagela. Lapho nje uvumela ukuthi — Kuthiwani ngalokhu? — kusho ukuthi awukazinikele ngokuphelele, awumethembi ngempela uNkulunkulu. Lapho nje uzinikela ngokuphelele, awusacabangi ngalokho uNkulunkulu azokwenza.
Ukuzinikela ngokuphelele kusho ukuzincisha ukunethezeka kokubuza noma yimiphi imibuzo. Uma uzinikela ngokuphelele kuNkulunkulu, ngokushesha uthi, "Ukuphila kwakho ngiyakukunika kube yimpango." Isizathu sokuba abantu bakhathale ukuphila ukuthi uNkulunkulu akabanikanga lutho, abakakutholi ukuphila kwabo kube yimpango. Indlela yokuphuma kuleso simo ukuzinikela ngokuphelele kuNkulunkulu. Lapho usufinyelele ekuzinikeleni ngokuphelele kuNkulunkulu, uyoba yisidalwa esimangele nesijabule kunazo zonke emhlabeni; uNkulunkulu usekutholile ngokuphelele futhi ukunike ukuphila kwakho. Uma ungakafiki lapho, kungenxa yokungalaleli noma ukwenqaba ukuba nobulula obanele.