OKUMELE UKWENZE PHAKATHI KWALEZI ZIMO
“Phonsa umthwalo wakho phezu kweNkosi.”
AMahubo 55:22
Kumelwe sihlukanise phakathi kokuthwala umthwalo okulungile nokuthwala umthwalo okungalungile. Akufanele neze sithwale umthwalo wesono noma wokungabaza, kodwa kunemithwalo uNkulunkulu ayibeka phezu kwethu angahlosile ukuyisusa, ufuna siyigingqele emuva phezu kwaKhe. "Phonsa phezu kweNkosi lokho akunike khona." (R.V. okubhalwe oseceleni.) Uma sithatha umsebenzi kaNkulunkulu kodwa silahlekelwa ukuxhumana naYe, umuzwa wokuba nomthwalo wemfanelo uyosichoboza ngokwedlulele; kodwa uma sigingqela kuNkulunkulu lokho akubeke phezu kwethu, ususa umuzwa osindayo womthwalo wemfanelo ngokusenza siqaphele Yena uqobo.
Izisebenzi eziningi zaphuma zinesibindi esikhulu nezifiso ezinhle, kodwa zingenakho ukuhlanganyela okusondelene noJesu Kristu, kungakabiphi zachotshozwa. Azazi ukuthi zenzeni ngomthwalo, wona uveza ukukhathala, abantu bese bethi — "Yeka isiphetho esinomunyu sesiqalo esinje!"
"Gingqela umthwalo wakho phezu kweNkosi" — ubuwuthwele wonke; beka ngamabomu umkhawulo wawo owodwa emahlombe kaNkulunkulu. "Umbuso uyoba phezu kwehlombe laKhe." Nikela kuNkulunkulu "lokho akunike khona"; ungawulahli, kodwa wubeke phezu kwaKhe nawe uzibeke kanye nawo, umthwalo wenziwa lula wukuzwa ukuthi ninobudlelwane. Ungalokothi uzihlukanise nomthwalo.