Ukuzindla kwansuku zonke

UKUBUSA KOKUZIPHATHA

Ukufa akusenakubusa phezu kwaKhe . . . njengoba ephila, uphilela uNkulunkulu. Kanjalo nani zibhekeni njengabafile ngempela esonweni, kodwa abaphilela uNkulunkulu.

KwabaseRoma 6:9-11

Ukuhlanganyela ekuPhileni okuPhakade.

Ukuphila okuphakade kwakuwukuphila uJesu Kristu akubonisa ezingeni lobuntu, futhi khona lokho kuphila, hhayi ikhophi yalokho kuphila, okubonakaliswa enyameni yethu efayo lapho sizalwa nguNkulunkulu. Ukuphila okuphakade akusona isipho esivela kuNkulunkulu, ukuphila okuphakade kuyisipho sikaNkulunkulu. Amandla nokusebenza okwabonakaliswa kuJesu kuyobonakaliswa kithi ngomusa wobukhosi bukaNkulunkulu kuphela lapho sesenzile isinqumo sokuziphatha ngesono.

"Niyokwamukela amandla kaMoya oNgcwele" — hhayi amandla njengesipho esivela kuMoya oNgcwele; lawo mandla anguMoya oNgcwele, akuyona into ayabelayo. Ukuphila okwakukuJesu kwenziwa okwethu ngesiPhambano saKhe lapho sesinquma ukuhlanganiswa naYe. Uma kunzima ukuba silungisane noNkulunkulu, kungenxa yokuthi asifuni ukwenza isinqumo esiqondile ngesono. Masinyane lapho sinquma, ukuphila kukaNkulunkulu okugcwele kuyangena. UJesu weza ukusinika ukuphila okungapheli ngobuningi: "ukuze nigcwaliswe ngakho konke ukugcwala kukaNkulunkulu." UkuPhila okuPhakade akuhlangene neSikhathi, kungukuphila uJesu akuphila ngesikhathi elapha emhlabeni. Okuwukuphela komthombo wokuPhila yiNkosi uJesu Kristu.

Ongcwele obuthakathaka kunabo bonke angawazi ngokuhlangenwe nakho amandla obuNkulunkulu beNdodana kaNkulunkulu uma nje evuma "ukudedela." Noma iluphi ucu lwamandla ethu siqu luyofiphalisa ukuphila kukaJesu. Kumelwe siqhubeke sidedela kancane kancane kodwa ngokuqinisekile, ukuphila kukaNkulunkulu okukhulu nokugcwele kuyongena kuzo zonke izingxenye zethu, futhi abantu bayobona ngathi ukuthi sasinoJesu.

Buyela ekhalendeni

Qala usuku ngalunye ngesikhathi sokuthula ugxile kuKristu.

Bhalisa