Ukuzindla kwansuku zonke

UKUNGAHLULEKI OKUPHEFUMULELWE

Thathani ijoka lami nilibeke phezu kwenu, nifunde kimi.

NgokukaMathewu 11:29

"Lowo iNkosi emthandayo, iyamqondisa ngesijeziso." Yeka ukuthi kuncane kangakanani ukukhononda kwethu! INkosi yethu iqala ukusiletha endaweni lapho singahlanganyela khona naYe, kodwa siyabubula sithi — "O Nkosi, ake ngifane nabanye abantu!" UJesu usicela ukuba sithathe umkhawulo owodwa wejoka — "Ijoka lami lilula, sondelani eceleni kwami sidonse ndawonye." Ingabe uhlanganiswe kanjalo neNkosi uJesu? Uma kunjalo, uyombonga uNkulunkulu ngengcindezi yesandla saKhe.

"Kwabangenamandla wandisa amandla." UNkulunkulu uyeza asikhiphe ekuthathekeni kwethu yimizwa, ukukhononda kwethu kuphenduke ihubo lokudumisa. Okuwukuphela kwendlela yokwazi amandla kaNkulunkulu ukuthatha ijoka likaJesu silibeke phezu kwethu bese sifunda kuYe.

"Injabulo yeNkosi ingamandla enu." Abangcwele bayithathaphi injabulo yabo? Ukube besingabazi abanye abangcwele, besingathi — "O, lowo wesilisa, noma owesifazane, akanalutho aluthwalayo." Susa iveyili. Ukuthi ukuthula nokukhanya nenjabulo kaNkulunkulu kukhona kuwubufakazi bokuthi nomthwalo ukhona. Umthwalo uNkulunkulu awubekayo ucindezela amagilebhisi kuphume iwayini; iningi lethu libona iwayini kuphela. Awekho amandla emhlabeni noma esihogweni anganqoba uMoya kaNkulunkulu osemoyeni womuntu, lokhu kuwukungahluleki kwangaphakathi.

Uma ngaphakathi kuwe kukhona ukukhononda okuyisililo, kukhahlele kuphume ngaphandle kwesihawu. Kuyicala langempela ukuba buthakathaka emandleni kaNkulunkulu.

Buyela ekhalendeni

Qala usuku ngalunye ngesikhathi sokuthula ugxile kuKristu.

Bhalisa