ISIPHELELO SAKHE SOKUVUKA
“Kwakungafanele yini ukuba uKristu ahlupheke ngalezi zinto, angene enkazimulweni yaKhe?”
NgokukaLuka 24:26
IsiPhambano seNkosi yethu siyisango lokungena ekuphileni kwaKhe: ukuVuka kwaKhe kusho ukuthi manje unamandla okunginika ukuphila kwaKhe. Lapho ngizalwa kabusha okuvela phezulu, ngithola eNkosini evukile kona kanye ukuphila kwaKhe.
Isiphelelo sokuvuka kweNkosi yethu ukuletha "amadodana amaningi enkazimulweni." Ukugcwalisa isiphelelo saKhe kumnika ilungelo lokusenza amadodana namadodakazi kaNkulunkulu. Asisoze saba sebuhlotsheni noNkulunkulu iNdodana kaNkulunkulu ekubo; kodwa iNdodana isiletha ebuhlotsheni bokuba ngabantwana. Lapho iNkosi yethu ivuka kwabafileyo, yavukela ekuphileni okusha ngokuphelele, ukuphila eyayingakaze ikuphile ngaphambi kokuba ibe ngumuntu. Yavukela ekuphileni okwakungakaze kube khona; ukuvuka kwaKhe kusho kithi ukuthi sivuselwa ekuphileni kwaKhe okuvukile, hhayi ekuphileni kwethu okudala. Ngelinye ilanga siyoba nomzimba ofana nomzimba waKhe okhazimulayo, kodwa manje singawazi amandla asebenzayo okuvuka kwaKhe sihambe ekuphileni okusha. "Ngifuna ukumazi emandleni okuvuka kwaKhe."
"Njengalokho umnikile amandla phezu kwayo yonke inyama, ukuze bonke omnike bona abaphe ukuphila okuphakade." "UMoya oNgcwele" yigama lokuhlangenwe nakho lokuPhila okuPhakade okusebenza kubantu lapha namanje. UMoya oNgcwele unguNkulunkulu osebenza ngamandla aqhubekela phambili owenza umsebenzi wokubuyisana ube ngokoqobo kokuhlangenwe nakho kwethu. Makabongwe uNkulunkulu ngokuthi kuyiqiniso elikhazimulayo nelinobukhosi ukuthi uMoya oNgcwele angasebenza ngaphakathi kwethu yona kanye imvelo kaJesu uma simlalela.