KUNGANI SINGATSHELWA NGOKUCACILE?
“Wabayala ukuba bangatsheli muntu izinto ababezibonile, kuze kuvuke iNdodana yoMuntu kwabafileyo.”
NgokukaMakhu 9:9
Ungasho lutho iNdodana yoMuntu ize ivuke ngaphakathi kuwe — kuze kube ukuphila kukaKristu ovukile kukubusa kangangokuba uqonde lokho uKristu womlando akufundisa. Lapho usufinyelele esimweni esifanele ngaphakathi, izwi uJesu alikhuluma licaca kangangokuba uyamangala ukuthi wawungaliboni ngaphambili. Wawungeke uliqonde ngaphambili, isimo sakho sangaphakathi sasingakakulungeli ukulithwala.
INkosi yethu ayizifihli lezi zinto; asinakuzithwala singakafiki esimweni esifanele sokuphila komoya. "Ngisenezinto eziningi zokunitshela, kodwa anikwazi ukuzithwala manje." Kumelwe kube nokuhlanganyela nokuphila kwaKhe okuvukile ngaphambi kokuba sikwazi ukuthwala izwi elithile. Ingabe kukhona esikwaziyo ngokwabelwa ukuphila kukaJesu ovukile? Ubufakazi bokuthi kunjalo yikuthi izwi laKhe liya liqondakala kithi. UNkulunkulu akanakusambulela lutho uma singenawo uMoya waKhe. Umbono onenkani uyomvimbela ngokuphelele uNkulunkulu ukuba asambulele noma yini. Uma sesinqumile ngomqondo wethu ngemfundiso ethile, ukukhanya kukaNkulunkulu ngeke kusafika kithi ngalolo daba, asinakukwamukela. Lesi sigaba sokungabi nokuqonda siyophela ngokushesha [lapho] ukuphila kwaKhe kokuvuka sekusebenza ngokukhululekile kithi.
"Ningatsheli muntu . . . " — kodwa abaningi bayakutshela abakubona entabeni yokuGuqulwa. Bawubonile umbono futhi bayafakaza ngawo, kodwa ukuphila kwabo akuhambisani nawo, iNdodana yoMuntu ayikavuki kubo. Ngiyazibuza ukuthi iyokwakheka nini kuwe nakimi?