UKUNGQUBUZANA KUKANKULUNKULU NESONO
“Yena uqobo owathwala izono zethu emzimbeni waKhe emthini.”
1 KaPhethro 2:24
IsiPhambano sikaJesu siyisambulo sesahlulelo sikaNkulunkulu esonweni. Ungalokothi wamukele umqondo wokuthi isiPhambano sikaJesu Kristu simayelana nokufela ukholo. IsiPhambano sasiwukunqoba okumangalisayo lapho izisekelo zesihogo zanyakaziswa khona. Akukho okuqiniseke ngokwedlula lokho uJesu Kristu akwenza esiphambanweni eSikhathini noma ePhakadeni: wabuyisela lonke uhlanga lwesintu ebuhlotsheni obulungile noNkulunkulu. Wenza ukuhlengwa kwaba yisisekelo sokuphila komuntu, okungukuthi, wavulela wonke umuntu indlela yokungena ekuhlanganyeleni noNkulunkulu.
IsiPhambano asivelelanga uJesu: weza ngenhloso yaso. Uyi "Wundlu elahlatshwa kusukela ekusekelweni komhlaba." Yonke incazelo yokuba ngumuntu kukaKristu iyisiPhambano. Qaphela ungahlukanisi uNkulunkulu obonakaliswe enyameni neNdodana eyenziwa isono. Ukuba ngumuntu kukaKristu kwakungenxa yokuhlengwa. UNkulunkulu waba ngumuntu ngenhloso yokususa isono; hhayi ngenhloso yokuzazi Yena uqobo. IsiPhambano siyisikhungo seSikhathi nePhakade, siyimpendulo yezimfihlakalo zako kokubili.
IsiPhambano akusona isiphambano somuntu kodwa siyisiPhambano sikaNkulunkulu, isiPhambano sikaNkulunkulu asisoze senziwa saba ngokoqobo ekuhlangenwe nakho komuntu. IsiPhambano singukubonakaliswa kwemvelo kaNkulunkulu, siyisango noma yimuphi umuntu wesintu angangena ngalo ebunyeni noNkulunkulu. Lapho sifika esiPhambanweni, asidluli kuso; sihlala ekuphileni isiPhambano esiyisango lakho.
Isikhungo sensindiso siyisiPhambano sikaJesu, isizathu sokuba insindiso itholakale kalula kangaka ukuthi yabiza uNkulunkulu okukhulu kakhulu. IsiPhambano siyindawo lapho uNkulunkulu nomuntu oyisoni behlangana khona ngokungqubuzana okukhulu kuvuleke indlela eya ekuphileni — kodwa lokho kungqubuzana kwenzeka enhliziyweni kaNkulunkulu.