UKUNAKA UMA KUQHATHANISWA NOBUZENZISI KITHINA
“Uma umuntu ebona umfowabo enza isono esingesiso esokufa, kufanele acele, futhi Yena uyomnika ukuPhila ngenxa yalabo abenza isono esingesiso esokufa.”
1 KaJohane 5:16
Uma singayinaki indlela uMoya kaNkulunkulu osebenza ngayo kithi, siyoba ngabazenzisi bomoya. Sibona lapho abanye abantu behluleka khona, bese siguqula ukuqonda kwethu kube inhlekisa yokugxeka esikhundleni sokubanxusela. Isambulo asifiki kithi ngobukhali bezingqondo zethu, kodwa ngokungena okuqondile koMoya kaNkulunkulu, futhi uma singawunaki umthombo wesambulo, siyoba yizikhungo zokugxeka sikhohlwe ukuthi uNkulunkulu uthi — ". . . kufanele acele, futhi Yena uyomnika ukuphila ngenxa yalabo abenza isono esingesiso esokufa." Qaphela ukuba ungazenzi umzenzisi ngokuchitha sonke isikhathi sakho uzama ukulungisa abanye ngaphambi kokuba wena uqobo ukhonze uNkulunkulu.
Omunye wemithwalo ecashile kunayo yonke uNkulunkulu ake ayibeka kithi njengabangcwele yilo mthwalo wokuqonda eminye imiphefumulo. Wembula izinto ukuze sithathe umthwalo wale miphefumulo siwubeke phambi kwaKhe futhi sakhe umqondo kaKristu ngayo, futhi lapho sinxusela ngomzila waKhe, uNkulunkulu uthi uyosinika "ukuphila ngenxa yalabo abenza isono esingesiso esokufa." Akukhona ukuthi sihlanganisa uNkulunkulu nezingqondo zethu, kodwa ukuthi siyazivusa ukuze uNkulunkulu akwazi ukudlulisela kithi umqondo waKhe ngalowo esimnxuselayo.
Ingabe uJesu Kristu ubona umphumela wokuhlupheka komphefumulo waKhe kithi? Angeke awubone ngaphandle uma sihlanganiswe naYe kangangokuba sizivusa ukuthola umbono waKhe ngabantu esibathandazelayo. Kwangathi singafunda ukunxusela ngenhliziyo yonke kangangokuba uJesu Kristu aneliseke kakhulu ngathi njengabanxuseli.