UKUPHATHA ABANYE NGENHLIZIYO NOMA NGOKUNGENANHLIZIYO
“NguKristu . . . osinxuselayo futhi." "UMoya . . . unxusela abangcwele.”
KwabaseRoma 8:34, 27
Ingabe sisadinga enye impikiswano kunalena ukuze sibe ngabanxuseli — ukuthi uKristu "uphila njalo ukuba anxuse;" nokuthi uMoya oNgcwele "unxusela abangcwele"? Ingabe siphila ebuhlotsheni obuphilayo kangaka nabanye abantu size senze umsebenzi wokunxusela njengabantwana bakaNkulunkulu abafundiswe nguMoya? Masiqale ngezimo esikuzo — amakhaya ethu, umsebenzi wethu, izwe lethu, isimo esibucayi samanje njengoba sisithinta thina nabanye — ingabe lezi zinto ziyasichoboza? Ingabe zihlala zisixosha ebukhoneni bukaNkulunkulu zingasishiyeli sikhathi sokukhonza? Uma kunjalo masime, singene ebuhlotsheni obuphilayo noNkulunkulu ukuze ubuhlobo bethu nabanye bugcinwe emgudwini wokunxusela uNkulunkulu enza ngawo izimangaliso zaKhe.
Qaphela ungamdluli uNkulunkulu ngenxa nje yokulangazelela kwakho ukwenza intando yaKhe. Sigijima phambi kwaKhe emisebenzini eyinkulungwane nanye, ngenxa yalokho sisindwa kakhulu ngabantu nangobunzima size singamkhonzi uNkulunkulu, singanxuseli. Uma umthwalo nengcindezi sekusehlele singekho esimweni sokukhonza ngeke kuveze kuphela ukuba lukhuni kuNkulunkulu, kodwa nokuphelelwa yithemba emiphefumulweni yethu. UNkulunkulu usethula njalo kubantu esingazwani nabo ngokwemvelo, ngaphandle kokuba simkhonze uNkulunkulu, into ezizizelayo kakhulu ukubaphatha ngokungenanhliziyo, ukubaphonsa umbhalo njengokugwaza komkhonto, noma ukubashiya neseluleko sikaNkulunkulu esishiwo ngokhahlo bese sihamba. UmKristu ongenanhliziyo kumelwe abe wusizi olwesabekayo eNkosini yethu.
Ingabe sisemgudwini oqondile wokunxusela kweNkosi yethu noMoya oNgcwele?