Ukuzindla kwansuku zonke

INGABE SENIYAKHOLWA MANJE?

Ngalokhu siyakholwa . . . UJesu waphendula wathi, Seniyakholwa manje?

NgokukaJohane 16:30-31

Manje siyakholwa. UJesu uthi — Ingabe niyakholwa? Siyeza isikhathi lapho niyongishiya ngedwa. Izisebenzi eziningi ezingamaKristu ziye zamshiya yedwa uJesu Kristu zaya emsebenzini ngenxa yokuzwa ukuthi zinesibopho, noma ngenxa yokuzwa isidingo esivela ekuqondeni kwazo okukhethekile. Isizathu salokhu ukungabi khona kokuphila kukaJesu kokuvuka. Umphefumulo uphumile ebudlelwaneni obuseduze noNkulunkulu ngokuncika ekuqondeni kwawo kwezenkolo. Akukho sono kulokho, futhi akukho sijeziso esihambisana nakho; kodwa lapho umphefumulo uqaphela indlela ovimbe ngayo ukuqonda kwawo uJesu Kristu, wazidalela nokudideka nosizi nobunzima, kufanele ubuye unamahloni nokudabuka nokuphuka kwenhliziyo.

Kudingeka sithembele ekuphileni kukaJesu kokuvuka ngokujule kakhulu kunalokho esikwenzayo, size sijwayele ukubuyisela konke kuYe njalo; esikhundleni salokho senza izinqumo zethu ngengqondo ephusile — bese sicela uNkulunkulu ukuba azibusise. Angeke akwazi, akukho ngaphansi kokubusa kwaKhe, kunqanyuliwe ebuqinisweni. Uma senza into ngenxa yokuzizwa sibophekile, sisuke sibeka indinganiso encintisana noJesu Kristu. Siba "umuntu ophakeme," bese sithi — "Manje kule ndaba kufanele ngenze lokhu nalokhuya." Sibeke umuzwa wethu wesibopho esihlalweni sobukhosi esikhundleni sokuphila kukaJesu kokuvuka. Asitshelwanga ukuba sihambe ekukhanyeni kukanembeza noma komuzwa wesibopho, kodwa ukuba sihambe ekukhanyeni njengoba uNkulunkulu esekukhanyeni. Uma senza noma yini ngenxa yokuzizwa sibophekile, singakweseka ngempikiswano; uma senza noma yini ngokulalela iNkosi, ayikho impikiswano engenzeka; yingakho ongcwele angahlekwa kalula.

Buyela ekhalendeni

Qala usuku ngalunye ngesikhathi sokuthula ugxile kuKristu.

Bhalisa