Ukuzindla kwansuku zonke

UMSEBENZI WENKONZO KAJESU OWENZIWE MPOFU

Pho uwathathaphi lawo manzi aphilayo?

NgokukaJohane 4:11

"Umthombo ujulile" — futhi ujule kakhulu kunalokho owesifazane waseSamariya ayekwazi! Cabanga ngokujula kwemvelo yomuntu, ngokujula kokuphila komuntu, cabanga ngokujula "kwemithombo" engaphakathi kuwe. Ingabe ubuwenza mpofu umsebenzi wenkonzo kaJesu kangangokuba akukho angakwenza? Ake sithi enhliziyweni yakho kukhona umthombo wenkathazo ongenakulinganiswa, uJesu abese efika athi — "Inhliziyo yakho mayingakhathazeki"; wena uphakamise amahlombe uthi, "Kodwa, Nkosi, umthombo ujulile; awukwazi ukukhipha kuwo ukuthula nenduduzo." Cha, Yena uyokwehlisa lokho kuthula naleyo nduduzo kuvela phezulu. UJesu akakhiphi lutho emithonjeni yemvelo yomuntu. Sikhawulela oNgcwele ka-Israyeli ngokukhumbula lokho esimvumele ukuba asenzele kona esikhathini esidlule, nangokuthi, "Impela anginakukwazi ukulindela ukuba uNkulunkulu enze le nto." Into evivinya amandla onke yiyona nto thina njengabafundi bakaJesu okufanele sikholwe ukuthi uyoyenza. Senza umsebenzi wenkonzo yaKhe ube mpofu lapho nje sikhohlwa ukuthi unguSomandla; ubumpofu bukithi, hhayi kuYe. Siza kuJesu njengoMduduzi noma njengoMzweli, kodwa asizi kuYe njengoSomandla.

Isizathu sokuba abanye bethu babe yizibonelo ezimpofu kangaka zobuKristu ukuthi asinaye uKristu onguSomandla. Sinezimfanelo nokuhlangenwe nakho kobuKristu, kodwa akukho ukuzinikela ngokuphelele kuJesu Kristu. Lapho singena ezimweni ezinzima, senza umsebenzi wenkonzo yaKhe ube mpofu ngokuthi — "Impela akukho angakwenza," bese sizabalazela ukwehlela ekujuleni sizame ukuzitholela amanzi. Qaphela ukwaneliseka kokuhlehla uthi — "Akunakwenzeka"; uyazi ukuthi kungenzeka uma ubheka kuJesu. Umthombo wokungapheleli kwakho ujulile, kodwa yenza umzamo ususe amehlo kokunye ubheke kuYe.

Buyela ekhalendeni

Qala usuku ngalunye ngesikhathi sokuthula ugxile kuKristu.

Bhalisa