UFUNA INKOSI IKWENZELENI?
“Nkosi, ukuze ngiphinde ngibone.”
NgokukaLuka 18:41
Yini engakuphazamisi kuphela kodwa ekwenza wena ube yisiphazamiso? Kuhlale kuyinto ongeke ukwazi ukuyisingatha wena. "Bamkhuza ukuba athule . . . kodwa wamemeza kakhulu nakakhulu." Phikelela kuleso siphazamiso uze ubhekane ubuso nobuso neNkosi uqobo; ungayenzi ingqondo ephusile ibe ngunkulunkulu. Lapho uJesu esibuza ukuthi sifuna asenzeni maqondana nento engakholeki esibhekene nayo, khumbula ukuthi akasebenzi ngezindlela zengqondo ephusile, kodwa ngezindlela ezingaphezu kwemvelo.
Bheka indlela esikhawulela ngayo iNkosi ngokukhumbula lokho esimvumele ukuba asenzele kona esikhathini esidlule: Ngangihlale ngehluleka lapho, futhi ngiyohlala ngehluleka; ngenxa yalokho asikuceli esikufunayo. "Kuyinhlekisa ukucela uNkulunkulu ukuba enze lokhu." Uma kuyinto engenakwenzeka, iyona okufanele siyicele. Uma kungeyona into engenakwenzeka, akusona isiphazamiso sangempela. UNkulunkulu uyokwenza okungenakwenzeka ngokuphelele.
Indoda le yaphinda yabona. Into engenakwenzeka kakhulu kuwe ukuba uhlanganiswe neNkosi kangangokuba kungasali lutho kokuphila okudala. Yena uyokwenza uma umcela. Kodwa kufanele ufinyelele lapho ukholwa ukuthi unguSomandla. Ukholo alukho kulokho uJesu akushoyo kodwa lukuYe uqobo; uma sibheka kuphela lokho akushoyo asisoze sakholwa. Lapho sesimbona uJesu, wenza okungenakwenzeka kalula njengokuphefumula. Ubuhlungu bethu obukhulu buvela ebuwuleni benhliziyo yethu esibukhetha ngamabomu. Asifuni ukukholwa, asifuni ukunqamula intambo yasogwini, sikhetha ukuqhubeka sikhathazeka.